Ilanga News
Home 9 Featured 9 Abe-IFP banxuse amalungu abo ukubeka izidingo zomphakathi phambili

Abe-IFP banxuse amalungu abo ukubeka izidingo zomphakathi phambili

by | 1 September 2026

INHLANGANO iNkatha Freedom Party (IFP), iluleke amalungu ayo ukuba aqinisekise ukuthi iba yinhlangano enakekela zonke izakhamizi ezingaphansi kwemikhandlu eziyibusayo.

Lokhu kushiwo nguSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, ophinde abe nguNdunankulu wesifundazwe, uMnu Thami Ntuli. UNtuli ubekhuluma ngesikhathi leli qembu linengqungquthela yezinsuku ezimbili, eqale ngoMgqibelo yaphetha ngeSonto, eMpangeni, lapho ubuholi beqembu bebuyocebisana khona ngamaqhinga nezindlela zokukhankasela ukhetho.

Le ngqungquthela ibihanjelwe wubuholi obuphezulu be-IFP, okubalwa kubo uMengameli weqembu uMnu Velenkosini Hlabisa, ubuholi bamagatsha eqembu namalungu alo. UNtuli uthi izikhathi zepolitiki sezishintshile, ngakho neqembu kumele lithole izindlela ezintsha zokungena ebantwini.

“Esikhathini samanje sezishintshe kakhulu izinto kwipolitiki. Yingakho ukukhankasa kwe-IFP kumele kuhambisane nezinguquko. Ezinye zazo zinhle, ezinye zimbi. Sesibhekene nesikhathi lapho kunamaqembu epolitiki amaningi, nezakhamizi zakuleli zinezimfuno nezikhalo eziningi kulabo abaphathiswe amahhovisi omphakathi.

“Kumele sizilalele, siziqonde izikhalo zamalungu omphakathi, silalele bese siziphendula ngendlela efanele. Kumele siqinisekise ukuthi i-IFP iyiqembu elisiza zonke izakhamizi ezidinga usizo, sikhombise ukuthi okwethu ukuhola okokusiza umphakathi, akukhona okukusiza amalungu eqembu kuphela,” kusho uNtuli.

Eqhuba, ululeke amalungu eqembu ngokuthi isikhiye sokunqoba ukhetho wukulalela nokuhlonipha izidingo ezethulwa yimiphakathi yakuleli.

UHlabisa uthi ubuholi beqembu kumele buqinise imikhankaso yabo ikakhulukazi ezigabeni eziphansi.

“Ohulumeni baseKhaya yibo abasondelene kakhulu nempilo nenhlalakahle yansuku zonke yezakhamizi zakuleli. Indlela omasipala abasebenza ngayo, yiyo eqinisekisa ukuthi izakhamizi ziphila impilo esezingeni, nokuthi intuthuko ihamba kangakanani. Uma omasipala besebenza ngendlela intuthuko, wukuthuthuka komnotho nokutshalwa kwemali sizokubona ngamehlo. Yingakho ke kumele siqinise ubudlelwano bethu obuhle esinabo nezakhamizi zakuleli,” kusho uHlabisa.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...