Ilanga News
Home 9 Featured 9 Incwadi egunyaza ukuboshwa kukaNkk Mapisa Nqakula

Incwadi egunyaza ukuboshwa kukaNkk Mapisa Nqakula

by | 2 October 2026

INKANTOLO ikhiphe incwasi yokuthi aboshwe uNkk Nosiviwe Mapisa Nqakula kulandela ukungabonwa ukuhluleka ukuvela eNkantolo ePhakeme yaseGauteng ngoLwesihlanu.

UNkk Mapisa Nqakule oke waba nguNgqongqoshe wezokuVikela kuleli futhi waba nguSomolomo wePhalamende bekumele avele kule nkantolo ngecala lakge le nkohlakalo abhekene nalo.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngoLwesibili kwaphoqa ukuthi le nkantolo isheshe iguqe kulandela ukuxinwa kwakhe wukugula.

Le ncwadi izoqala ukusebenza uma uNkk Mapisa Nqakula ehluleka ukuvela enkantolo ngomhl aka-11 kuNovember nonyaka.

UNkk Mapisa Nqakula ubhekene namacala awu-12 enkohlakalo nelilodwa lokushushumbisa imali.

Kubikwa ukuthi la macala wawenza ngesikhathi esanguNgqongqoshe wezokuVikela kuleli phakathi kuka-2014 no-2021.

Kubhekwe ukuthi ukuqulwa kwaleli cala kuqhubeke phakathi kuka mhla ka-11 nomhla ka-20 kuNovember naphakathi kuka mhla ka-30 kuNovember nomhla ka-4 kuZibandlela.

Ezisematheni

Ucwaningo lusabeka iMKP phambili kwimiphumela yokhetho oluzayo

Ucwaningo lusabeka iMKP phambili kwimiphumela yokhetho oluzayo

UCWANINGO lwe-Institut Public de Sondage d’Opinion Secteur (Ipsos)  luveza ukuthi iMKP ingazidlela amahlanga uma kungathiwa kuyavotwa manje kuMkhandlu weTheku okhethweni  loHulumeni baseKhaya. Ngokwalolu cwaningi kuvela ukuthi iqembu elithandwa kakhulu...