Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 UDuma uhambele imindeni yababhubhe engozini yetekisi eNkandla

UDuma uhambele imindeni yababhubhe engozini yetekisi eNkandla

by | 1 January 2025

UNGQONGQOSHE wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnu Siboniso Duma, uhole umkhuleko ehambela imindeni eyisikhombisa, elahlekelwe yizihlobo zayo engozini enyantisa igazi eyenzeke eMandaba, eNkandla, ngoMsombuluko.

Phakathi kwemindeni ayihambele kube ngowakwaMajola, lapho kudlule emhlabeni umama wakhona uNkk Duduzile Majola (54), obesekhumbini ebeyilibangise odwendweni khona eMandaba. Umufi ungowaseMatsheni, eZimpisini, kuWard 5, khona eNkandla.

Bagcine sebeyishumi abantu abashone kule ngozi.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...