Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 UDuma uhambele imindeni yababhubhe engozini yetekisi eNkandla

UDuma uhambele imindeni yababhubhe engozini yetekisi eNkandla

by | 1 January 2025

UNGQONGQOSHE wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnu Siboniso Duma, uhole umkhuleko ehambela imindeni eyisikhombisa, elahlekelwe yizihlobo zayo engozini enyantisa igazi eyenzeke eMandaba, eNkandla, ngoMsombuluko.

Phakathi kwemindeni ayihambele kube ngowakwaMajola, lapho kudlule emhlabeni umama wakhona uNkk Duduzile Majola (54), obesekhumbini ebeyilibangise odwendweni khona eMandaba. Umufi ungowaseMatsheni, eZimpisini, kuWard 5, khona eNkandla.

Bagcine sebeyishumi abantu abashone kule ngozi.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Akhonzele ehholo amaNazaretha ‘axoshwe ethembelini’

Akhonzele ehholo amaNazaretha ‘axoshwe ethembelini’

KUBHUNTSHE inkonzo yokubusisa ithempeli ebihlelwe ngamaNazaretha aseKuphakameni, aholwa yiNkosi uVukile “iNcoyincoyi” Shembe, ngenxa yombango wendawo ophakathi kwalolu hlangothi nolwaseBuhleni, oluholwa yiNkosi uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe.  Le nkonzo obekumele ibe...

Kutholwe isidumbu solimale ‘eqhumisa imoto yemali’

Kutholwe isidumbu solimale ‘eqhumisa imoto yemali’

KUTHOLAKALE imoto nesidumbu somsolwa oyanyansiwa nesigameko sokubanjwa kwemoto yemali esigamekweni esenzeke edolobheni laseKranskorp izolo ngoMsombuluko.  Ngokombiko wamaphoyisa, le sidumbu sitholakale namuhla emgwaqweni oowubhuqu obheke eNkandla,  eduze komfula...

Ukhuthaza eyokuhlonipha abagibeli ohlabane ngowomshayeli ovelele

Ukhuthaza eyokuhlonipha abagibeli ohlabane ngowomshayeli ovelele

KUSUKELA kwesobunxele nguMnu Lindani Shandu, olale isibili, nguMnu Bongani Malimela onqobe umklomelo wokuba ngumshayeli ovelele noMnu Sithembiso Zikalala olale isithathu. AYILOKOTHI itekisi ngoMgqibelo inhlalisuthi enqobe umklomelo wokuba ngumshayeli wetekisi ovelele...