Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ubonga uNyazi udokotela ogane esayintombi nto

Ubonga uNyazi udokotela ogane esayintombi nto

by | 31 January 2025

UBONGE iNkosi uMduduzi “uNyazilwezulu” Shembe – yamaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni – uDkt Namani Ngema (32) waseNtuzuma – othi usefunde wagogoda ezigcinile, wahlanganiswa ngokusemthethweni nomyeni wakhe ngempelasonto.

ILANGA like labhala ngempumelelo yale ntokazi ephinde ibe yinkosazana kuleli bandla elidume ngelaKwaShembe njengoba isazigcinile, iyintombi nto. UDkt Ngema uneziqu zePhD kwi-Immunology azithole e-University of KwaZulu-Natal (UKZN) lapho asesebenza khona.


Ngemuva kwenkonzo eyenziwe yibandla lakhe, lapho kuhlanganiswa abashadayo ngemuva kokuba sekubuywe ohambweni lwasentabeni eNgcwele iKhenana, uDkt Ngema uhlanganiswe noMnu Sabelo Ndlela, sebeshadile ngokwebandla labo kodwa kuzobuye kulandele umgcagco wasegcekeni.


“Ngokwasebandleni sesishadile ngoba nezindandatho esizifakwe khona kasibe sisazikhipha. Ngibonga izimfundiso zeNkosi uNyazilwezulu nabazali bami kulolu hambo. Ngiyakholelwa ekutheni uma uyintombazane kumele uzigcine, lokho uzenzela wena futhi kuningi okuhle oyokuhlomula ekugcineni,” esho.


Uthi ngale kokukwazi ukuzithiba nokubaluleka kokuba msulwa kuyena, ubephinde akhuthazwe yizinkulumo zikanina uNkk Nonhlanhla Ngema osho angahlonizi ukuthi ngaphandle kukayise kaDkt Ngema, uMnu Samuel Ngema, yena akamazi omunye umuntu wesilisa.


“Nami isifiso sami esikhulu wukukwazi ukusho kanjalo ezinganeni zami,” kusho le ntokazi esebenza ngokucwaningwa kwezifo, zitholelwe amakhambi ahlukene. Uthi abantu abasha mabahambise phambili imfundo nokuzigcina ukuze ikusasa labo lizoqhakaza.


Kusukela ngempelasonto izithombe zakhe zigcwale ezinkundleni zokuxhumana lapho abantu abahlukene bebemhalalisela, baphinde bathi bagqugquzeleka ngendlela aziphethe ngayo njengoba ezigcine waba yintombi nto waze wafunda wagogoda waba ngudokotela njengoba manje eseyogana.


“Kuningi okungafundwa yizingane zamantombazane kuDkt Ngema. Ukufunda kwakhe aze abe yilokhu ayikho kube yima egana eseneminyaka ewu-32 esazigcinile kuyinto okufanele ukuba intsha ibukele kuyona, isike iphethini,” kusho omunye ezinkundleni zokuxhumana.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...