Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ubonga uNyazi udokotela ogane esayintombi nto

Ubonga uNyazi udokotela ogane esayintombi nto

by | 31 January 2025

UBONGE iNkosi uMduduzi “uNyazilwezulu” Shembe – yamaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni – uDkt Namani Ngema (32) waseNtuzuma – othi usefunde wagogoda ezigcinile, wahlanganiswa ngokusemthethweni nomyeni wakhe ngempelasonto.

ILANGA like labhala ngempumelelo yale ntokazi ephinde ibe yinkosazana kuleli bandla elidume ngelaKwaShembe njengoba isazigcinile, iyintombi nto. UDkt Ngema uneziqu zePhD kwi-Immunology azithole e-University of KwaZulu-Natal (UKZN) lapho asesebenza khona.


Ngemuva kwenkonzo eyenziwe yibandla lakhe, lapho kuhlanganiswa abashadayo ngemuva kokuba sekubuywe ohambweni lwasentabeni eNgcwele iKhenana, uDkt Ngema uhlanganiswe noMnu Sabelo Ndlela, sebeshadile ngokwebandla labo kodwa kuzobuye kulandele umgcagco wasegcekeni.


“Ngokwasebandleni sesishadile ngoba nezindandatho esizifakwe khona kasibe sisazikhipha. Ngibonga izimfundiso zeNkosi uNyazilwezulu nabazali bami kulolu hambo. Ngiyakholelwa ekutheni uma uyintombazane kumele uzigcine, lokho uzenzela wena futhi kuningi okuhle oyokuhlomula ekugcineni,” esho.


Uthi ngale kokukwazi ukuzithiba nokubaluleka kokuba msulwa kuyena, ubephinde akhuthazwe yizinkulumo zikanina uNkk Nonhlanhla Ngema osho angahlonizi ukuthi ngaphandle kukayise kaDkt Ngema, uMnu Samuel Ngema, yena akamazi omunye umuntu wesilisa.


“Nami isifiso sami esikhulu wukukwazi ukusho kanjalo ezinganeni zami,” kusho le ntokazi esebenza ngokucwaningwa kwezifo, zitholelwe amakhambi ahlukene. Uthi abantu abasha mabahambise phambili imfundo nokuzigcina ukuze ikusasa labo lizoqhakaza.


Kusukela ngempelasonto izithombe zakhe zigcwale ezinkundleni zokuxhumana lapho abantu abahlukene bebemhalalisela, baphinde bathi bagqugquzeleka ngendlela aziphethe ngayo njengoba ezigcine waba yintombi nto waze wafunda wagogoda waba ngudokotela njengoba manje eseyogana.


“Kuningi okungafundwa yizingane zamantombazane kuDkt Ngema. Ukufunda kwakhe aze abe yilokhu ayikho kube yima egana eseneminyaka ewu-32 esazigcinile kuyinto okufanele ukuba intsha ibukele kuyona, isike iphethini,” kusho omunye ezinkundleni zokuxhumana.

Ezisematheni

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) ukhala ngesinqumo sekhomishana yokhetho i-IEC sokuchitha leli qembu ukuthi lilungise kabusha uhlu lwamakhansela abhaliselwe ukungenela ukhetho loHulumeni baseKhaya oluzokuba  ngomhlaka 4 kuLwezi (November). Esitatimendeni iMKP ithi...

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

USESULILE emaphoyiseni uSergeant Fannie Nkosi olokhu agcinwa esitokisini kusuka ngoNdasa (March) nonyaka ngamacala ehlukene. Okhulumela amaPhoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe ukuqinisekisile ukwesula kukaNkosi kodwa wathi asikho isinqumo esesithathiwe...

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

INKAMPANI kahulumeni ephethe amachweba nezitimela eNingizimu Afrika  iTransnet  idalule ukuthi noma iyisizinda somnotho kuleli kodwa ibingakaze izinike isikhathi sokuthi iqinisekise ukuthi ekwenzayo kufinyelela ngendlela kubantu. Lokhu kuvele ngesikhathi...