
ABEBUYA ukuyokhulekela umsebenzi wabangasekho amakholwa abhubhe engozini eyenzeke emgwaqweni onguthelawayeka uN2 eMpangeni ngezithuba zasekuseni ngeSonto. Amalungu eNtathakusa Church In Zion ehlelwe yilo mshophi ephuma eGobandlovu, eSikhawini emzini wakwaMyeni lapho abecelwe ukuba ezokhulekela ukwandulela komsebenzi wetiye labangasekho. Amakholwa ehlelwe yilo shophi esegoduka elibangise eDukuduku, eMtubatuba.
Inkonzo ibingene ngoMgqibelo kusihlwa, kwakhulekwa ubusuku bonke. Le nkonzo ibizwa ngokuthi yisiguqo ngolwimi lwaseZayoni. Isiguqo kusuke kuzohlangana abazalwane nabaphrofethi kukhulekwe emuva kwalokho kukhulunywe iziphrofetho ezibonakele kukhulekwa. Kule ngozi kuphangalale uNkz Sarafina Magwaza (57), uNkz Celiwe Zikhali (55), uNkz Dudu Mthembu (52), uNkz Nobuhle Mkhwanazi (52), uNkz Cabangile Mavundla (52), uNkz Qhamukile Khumalo (40), uNkz Sihle Ndamase, uMnu Mphikiseni Sithole (57) kanye noMnu Bongani Ndlovu (46).
ILANGA lihambele umndeni wakwaMyeni, lixoxo nobaba wekhaya noMnu Cyril Myeni okunguyena obecele isiguqo. “Nakhona lapha ekhaya kunebandla elikhonzela khona. Inkinga esinazo ziqale ngokuvela ngokwamaphupho kumama walapha ekhaya. Ubevuka namaphupho angemahle ezinkomo ezilwayo, abengishayisa ngovalo, kaphinde kwaba yiphupho lokubhodloka kwendlu yebandla. Kulapho engisukume khona ngayobona babantu abalaba ngesintu, ngiyohlola. Kuthe sengibuya kwabamanga ngabona ukuthi kungaba kuhle ngicele abazalwane kuzokhulekelwa lo msebenzi obekufanele wenziwe. Umsebenzi bekuzoba yitiye labangasekho, kugezwe umndeni. Ngishayeke kakhulu ngokuthi abazalwane behlelwe yile nkinga bephuma lapha ekhaya,” kusho uMyeni.
ILANGA lidlulele eDukuduku lahambela ingxenye yemindeni eshonelwe ngamalungu ayo. Phakathi kwabanye abaholi abakhulume naleli phephandaba uMnu Smiso Mathe ongumholi waleli bandla. Uveze ukuthi ungowokudabuka eJozini kodwa usezinze eMtubatuba ngenxa yomsebenzi awenzayo. ILANGA likhulume naye ephuma esibhedlela iNgwelezane okulaliswe ingxenye yamalungu alelibandla athole ukulimala. “Namanje ngiyakhuluma ngoba kufanele ngiziqinise njengomholi kodwa ngiyazizwa ukuthi ngilula. Namanje ngiyazibuza ukuthi hlobo luni lwebhadi leli elingaka. Iloli lishayise imoto ihamba ngaphandle kolayini ophuzi (yellow) ngoba umshayeli ubezama ukulibalekela.
Ngokubambisana nemindeni ethintekile sihlele ukuthi inkonzo izobanjelwa kwesinye isikole salapha endaweni. Inkonzo izongena ngoMgqibelo kusihlwa. Enkonzweni yasebusuku sizobe sikhonza ngendlela yethu futhi siqhuba umsebenzi ngendlela yasezayoni. Emini kuzoba nenkonzo ezobe isingethwe wuhulumeni okuyilapho khona kuzobe kunezikhulumi ezahlukene ezivela kuhulumeni,” kusho uMathe.







