Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuvele eyombango wenkokhelo ka-R250k ekubulaweni kwenkabi ecaleni labakwaMchunu

Kuvele eyombango wenkokhelo ka-R250k ekubulaweni kwenkabi ecaleni labakwaMchunu

by | 24 March 2026

NGUNKZ Noluthando Khomo owabulawa.

IVEZE eyombango wemali okwakumele ikhokhelwe inkabi eyabulala, “inkabi” eseyiphenduke ufakazi wombuso ecaleni labashadile bakwaMchunu, uNkk Nomusa Mchunu noMnu Thokozani “Sci” Mchunu. Laba  babhekene namacala awu-7, okubalwa kuwo nelokubulala unina wengane kaMchunu, uNkz Noluthando Khomo.

Ufakazi uMnu Sibusiso “Gadaffi” Ndlovu uphothule ukuthula ubufakazi bakhe eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngoLwesibili, lapho echaze ngokuhlelwa kwetulo lokubulawa kwenkabi, okuvele kule nkantolo ukuthi yiyo eyabulala uNkz Khomo, uMnu Sanele “Tinky” Ngcobo. UNgcobo owadutshulwa ngo-2018, engaphandle ngebheyili ecaleni lokubulala uNkz Khomo.

UNdlovu utshele inkantolo  ukuthi ngemuva kokubulwa kukaNkz Khomo, uNgcobo watshela uSci ukuthi ufuna inkokhelo ka-R250 000.

“USci akakuvumanga lokho, wamtshela ukuthi imali akanayo njengoba ayekhokhela ummeli wakhe (uNgcobo, ecaleni lokubulala uNkz Khomo ayebhekene nalo) futhi amkhokhela nebheyili. Lokhu akubanga kuhle njengoba bagcina bejikijelana ngamagama,” kusho uNdlovu.

Eqhuba, uveze ukuthi kukho lokho kungaboni ngasolinye, uNgcobo waxhumana nephoyisa elaliphethe icala ngaleso sikhathi, wathi ufuna ukuhlambuluka. Uthi lokhu kwafika kuSci, owabe esehlela itulo lokuba kubulawe uNgcobo, owadutshulwa wafa ngoNhlangulana (June) ka-2018. 

Ubufakazi obethulwe phambilini kule nkantolo, buveze ukuthi isibhamu esabulala uNgcobo, yisona esabulala uNkz Khomo. Ebufakazi bukaNdlovu, uveze ukuthi uSci waphinde wapheka itulo lokubulala enye inkabi eyaphenduka ufakazi wombuso, yagwetshwa iminyaka ewu-8, uSimiso Jarome Liphenyana. 

Uthi sekusondele izinsuku zokubulawa kukaLiphenyana, yena (uNdlovu) wavukwa wunembeza, njengoba babengomakhelwane, wayomthiphisa ngetulo, kwaba wukusinda kwakhe. 

UNkz Khomo wabulawa ngo-2018, ethathwe kubo nguNgcobo noLiphenyana, abazibiza ngamaphoyisa. Watholakala edutshulwe wabulawa, indodana yakhe eyayinezinyanga eziwu-3, idutshulwe engalweni, kodwa iphila. UNgcobo noLiphenyana babhadanywa ngamalungu omphakathi sebeyoshisa imoto eyayinesidumbu sikaNkz Khomo nendodana yakhe, eyayisaphila. 

ULiphenyana wakwazi ukubaleka, uNgcobo wabanjwa, washaywa kanzima ngaphambi kokuba aboshwe. Laba abashadile baboshwa ngo-2024, ngemuva kokuba iLiphenyana ekhulume “iqiniso”, wagwetshwa. 

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...