
ICELA imikhuleko kuzona zonke izakhamuzi zakuleli inkampani eqopha umculo kuleli iNkabi Records eyasungulwa nguBig Zulu. Le nkampani ikhiphe isitatimende esisatshalaliswe ezindaweni ezahlukene lapho khona yenze umbiko wokuthi omunye wabaculi futhi ongumsunguli wayo uSiyabonga ‘Big Zulu’ Nene ungeniswe esibhedlela emuva kokubandakanyeka engozini yemoto izolo ngeSonto.Â
“Kubuhlungu ukuba sinibikele ukuthi uBig Zulu ulaliswe esibhedlela ngemuva kokuba imoto abehamba ngayo ingene engozini. Lesi sigameko senzeke izolo ebusuku. Sicela imikhuleko. Sizoqhubeka nokubikela umphakathi ngokuqhubekayo,” kusho isitatimende.







