Ilanga News
Home 9 Featured 9 Isililo kudlula emshabeni uDkt Vusi Shongwe

Isililo kudlula emshabeni uDkt Vusi Shongwe

by | 18 November 2025

SIKHULU isililo ngokudlula emhlabeni kukaDkt Vusi Shongwe ongusomlando, obesebenza ehhovisi leNgonyama uZwelithini kaBhekuzulu. UShongwe udlule emhlabeni izolo ngoMsombuluko ngemuva kokulaliswa esibhedlela esizimele eMgungundlovu.

Bese kuphele isikhathi eside elaliswe kulesi sibhedlela, selokhu ahlatshwa wukugula ngosuku loMkhosi woMhlanga esigodlweni eMashobeni angawuqedanga waphuthunyiswa esibhedlela. Ungowokuzalwa eFeni, e-Ermelo, eMpumalanga.

Umufi wathola ukugxekwa ngabaningi ngesikhathi eyoqala ukusebenza ehhovisi leSilo, kuthiwa angeke akwazi ukwenza umsebenzi ngesizathu sokuthi akayena uMzulu, uyiSwazi. UMnu Khaya Ndwandwe, ongusomlando futhi ongumngani kamufi, umchaze njengomuntu obethobekile, obekuthanda ukuhlala ngokubhala ngezihloko ezahlukene ezithinta umlando.

“Ngaqala ukumazi ngisasebenza egaraji elithengisa izimoto e-Ermelo. Izimoto zikaMdlokombane (amaTotoya Prado) zethulwa yimina endlunkulu, uShongwe waba ngumuntu ozamukelayo. Wenze imisebenzi emihle ehhovisi leSilo okuhlanganisa nokulibeka ezingeni lomhlaba.

“Ondlunkulu beSilo babehamba ngezimoto ezincane wakushintsha konke lokho, baqala ukuhamba ngezimoto eziphakeme. Wasungula nohlelo lokukhokhelwa kwezifundo zamazinyane eSilo. Enza isiqiniseko sokuthi iNgonyama iphephile ngaphambi kokuba ithathe uhambo.

“Ubeyisibonelo esihle, efika kuqala emicimbini, aphinde ahambe ekugcineni. Ubekuthanda ukubhala. Okubi nje wukuthi uhambe engakayishicileli eminye yemibhalo yakhe. Sishayeke kakhulu ngokuhamba kwakhe njengoba namanje ubesaqhubeka nokwenza imisebenzi yasendlunkulu, njengoba ubeqashwe wuMnyango wezobuCiko, amaSiko nezeMidlalo KwaZulu-Natal,” kusho uNdwandwe.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...