Ilanga News
Home 9 Featured 9 URamaphosa uhlela izingxoxo noTrump ngolokubuyiswa komhlaba kubantu

URamaphosa uhlela izingxoxo noTrump ngolokubuyiswa komhlaba kubantu

by | 3 February 2025

UMENGAMEL Cyril Ramaphosa uveze kukuthi ukulangazalele ukuxhumana nozakwabo wase-United State of America uMnu Donald Trump ngezinkinga athi unazo ngeNingizimu Africa nomthetho sisekelo waleli lizwe.

Lokhu kuqhamuka ngemuva kokuba uTrump ephumele obala ukuthi uzomisa lonke uxhaso lwezwe lakhe olubhekiswe kuleli ngenxa “yezinto ezimbi” athi zenziwa wuhulumeni kubantu bakuleli.

UTrump ucashunwe ethi usafuna kwenziwe uphenyo ngeminye yemithetho yakuleli ecindezela abantu.

Kuzokhumbuleka ukuthi umthetho wokubuyiselwa komhlaba kuleli ususe umsindo ngeledlule ngemuva kokuba uRamaphosa ewusayine kwaba semthethweni.

Amaqembu ezepolitiki nezihlangano ezizimele ezingenzi inzuzo amgxekile uRamaphosa ngalo mthetho.

Okhulumela uRamaphosa uMnu Vincent Magwenya uthe uhulumeni wakuleli uzimisele ukubonisana nowaseMelika ngomthetho wokubuyiselwa komhlaba nendlela lolu hlelo oluzoqhutshwa ngalo.

Uqhube ngokuthi unethemba lokuthi ngemuva kwalezi zingxoxo kuzobe sekunokuqonda ngendlela eqondile ngalo mthetho.

Uveze ukuthi i-US isaqhubeka nokudlala indima emqoka kwezohwebo nakwezepolitiki yomhlaba.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...