Ilanga News
Home 9 Featured 9 URamaphosa uhlela izingxoxo noTrump ngolokubuyiswa komhlaba kubantu

URamaphosa uhlela izingxoxo noTrump ngolokubuyiswa komhlaba kubantu

by | 3 February 2025

UMENGAMEL Cyril Ramaphosa uveze kukuthi ukulangazalele ukuxhumana nozakwabo wase-United State of America uMnu Donald Trump ngezinkinga athi unazo ngeNingizimu Africa nomthetho sisekelo waleli lizwe.

Lokhu kuqhamuka ngemuva kokuba uTrump ephumele obala ukuthi uzomisa lonke uxhaso lwezwe lakhe olubhekiswe kuleli ngenxa “yezinto ezimbi” athi zenziwa wuhulumeni kubantu bakuleli.

UTrump ucashunwe ethi usafuna kwenziwe uphenyo ngeminye yemithetho yakuleli ecindezela abantu.

Kuzokhumbuleka ukuthi umthetho wokubuyiselwa komhlaba kuleli ususe umsindo ngeledlule ngemuva kokuba uRamaphosa ewusayine kwaba semthethweni.

Amaqembu ezepolitiki nezihlangano ezizimele ezingenzi inzuzo amgxekile uRamaphosa ngalo mthetho.

Okhulumela uRamaphosa uMnu Vincent Magwenya uthe uhulumeni wakuleli uzimisele ukubonisana nowaseMelika ngomthetho wokubuyiselwa komhlaba nendlela lolu hlelo oluzoqhutshwa ngalo.

Uqhube ngokuthi unethemba lokuthi ngemuva kwalezi zingxoxo kuzobe sekunokuqonda ngendlela eqondile ngalo mthetho.

Uveze ukuthi i-US isaqhubeka nokudlala indima emqoka kwezohwebo nakwezepolitiki yomhlaba.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...