Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 AboNyazi bathi kuye ngamagama enkehli ngokunqoba kweChiefs

AboNyazi bathi kuye ngamagama enkehli ngokunqoba kweChiefs

by | 13 May 2025

“KUYE ngamagama enkehli. Besiwulindele umphumela omuhle ngokunqoba kweziMpofana. Namaphanta besiwatshela ukuthi kufanele agembule kanjani ngoba besazi ukuthi kuzonqoba iKaizer Chiefs”. Lawa ngamazwi ashiwo nguMnu Thokozani Mncwabe okhulumela umholi webandla lamaNazaretha, iNkosi uMduduzi ‘Nyazilwezulu’ Shembe emuva kokuba kunqobe Amakhosi kowamqamu obuphakathi kwawo ne-Orlando Pirates.

Ububhekwe ngabomvu umphumela walo mdlalo emuva kokuba abebandla lakwaShembe bebezishaya isifuba ngokuthi kuzonqoba iChiefs kulo mdlalo kulandela ukubonakala kwezikhulu zayo zizohlangana noNyazi ngenhloso yokulwisana nesomiso sokunganqobi izindebe kule kilabhu yakwaMotaung. Besekuphele iminyaka eyishumi leli kilabhu ingannqobi lutho.

Ngaphambi komdlalo wangoMgqibelo ILANGA Lempelasont eliyingane yaleli phephandba libike amahlandla amabili ngokubonakala kwezikhulu zeChiefs ziyocela isibusiso sokunqoba. Ngeledlule kuvelile ukuthi nayo i-Orlando Pirates ike yamvakashela lo mholi izocela yaphinde yabuya izomkhomba indebe yeMTN 8 eyayikade iyinqobile nyakenye ngenyanga kaMfumfu (October).


“Ngaphambi komdlalo wokwandulela owamanqamu owawuphakathi kwabo neMamelodi Sundowns indodana kaMotaung, uKaizer Junior Motaung yafika izohlangana nobaba uNyazi. Bafika ekuseni engekho ubaba. Nangempela baphumelela kulowo mdlalo bawunqoba. Bahlala usuku lonke belinde ubaba kwaze kwabe uyafika, bahlangana naye. Baphinde babuya bezocelela ukunqoba owamanqamu. Nangempela kwenzekile lokho bawunqobile,” kusho uMncwabe.

ILANGA lixhumane noMnu Vina Maphosa okhulumela iKaizer Chiefs. Uthe uma kukhona ukuphawula okufanele kwenzeke ngalolu daba kuzokwenziwa ngabaphathi bekilabhu. “Mina ngikhulumela ikilabhu nezindaba ezithinta abadlali nabalandeli bekilabhu. Uma kuwukuthi umthandazo woNyazi ubambe iqhaza kulo mphumela, lokho kuzoshiwo ngabaphathi bekilabhu. Thina akukho esingakusho ngalolu daba,” kuphetha uMaphosa.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...