Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Ziyawushaya kuSimphiwe Shembe

Ziyawushaya kuSimphiwe Shembe

by | 7 April 2025

ZIYAWUSHAYA kusomahlaya wodumo waseThekwini uSimphiwe Shembe osanda kwenza idili lesidlo sakusihlwa sokugubha iminyaka ewu-20 ekulo mkhakha.

ILANGA lithole ngomthombo walo ukuthi uShembe undizela kwelenyoni kulezi zinsuku kulandela ukuqala izinhlelo zokuthatha isithandwa sakhe seminyaka.

Lo mthombo uveze ukuthi uShembe useke wavela kubo kaSamkelisiwe Khumalo odabuka KwaMaphumulo.

“Kuyimanje uShembe umatasa namalungiselelo okuyokhehla uSamke ngasekupheleni kwale nyanga. Izimemo seziqalile ukuphuma kulabo abasondelene nabo,” kusho lo mthombo osondelene nalezi zithandani.

ILANGA lithole ukuthi uShembe wamethula kulabo asondelene nabo uSamke njengoba wayengesinye sezimenywa eziqavile emicimbini wesidlo sakusihlwa ayewenzile ukugubha iminyaka ewu-20 ekulo mkhakha.

Ethintwa uShembe akafunanga ukwanda kabanzi ngezinhlelo zokuthatha uSamke amenze unkosikazi kodwa uveze ukuthi ujabule ngokuba sothandweni futhi uzimisele ukuba ngumyeni oqotho kumuntu azomthatha.

Utshele leli phephandaba ukuthi lona wunyaka omqoka empilweni yakhe njengoba agubha iminyaka ewu-20 esemahlayeni futhi ziningi nezinguquko azenzekalayo empilweni yakhe.

Uthe imicimbi yakhe yomzungezo wezikhungo zemfundo ephakeme ebizwa ngeSimphiwe Shembe and Friends iyaqala maduze njengoba ebambisene nenkampani yomakhalekhukhwini uVodacom.

Uqhube ngokuthi imicimbi yakhe yeComedy Picnics nayo izinhlelo zayo ziyaqhubeka njengoba owokuqala uzoba ngoJune eThekwini, owesibili ube ngoNovember Emakhosini Royal Sun e-Underberg ngo-December ube seNewcastle kanti owaseLundi izinhlelo zakho azikaphothulwa.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...