Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Ziyawushaya kuSimphiwe Shembe

Ziyawushaya kuSimphiwe Shembe

by | 7 April 2025

ZIYAWUSHAYA kusomahlaya wodumo waseThekwini uSimphiwe Shembe osanda kwenza idili lesidlo sakusihlwa sokugubha iminyaka ewu-20 ekulo mkhakha.

ILANGA lithole ngomthombo walo ukuthi uShembe undizela kwelenyoni kulezi zinsuku kulandela ukuqala izinhlelo zokuthatha isithandwa sakhe seminyaka.

Lo mthombo uveze ukuthi uShembe useke wavela kubo kaSamkelisiwe Khumalo odabuka KwaMaphumulo.

“Kuyimanje uShembe umatasa namalungiselelo okuyokhehla uSamke ngasekupheleni kwale nyanga. Izimemo seziqalile ukuphuma kulabo abasondelene nabo,” kusho lo mthombo osondelene nalezi zithandani.

ILANGA lithole ukuthi uShembe wamethula kulabo asondelene nabo uSamke njengoba wayengesinye sezimenywa eziqavile emicimbini wesidlo sakusihlwa ayewenzile ukugubha iminyaka ewu-20 ekulo mkhakha.

Ethintwa uShembe akafunanga ukwanda kabanzi ngezinhlelo zokuthatha uSamke amenze unkosikazi kodwa uveze ukuthi ujabule ngokuba sothandweni futhi uzimisele ukuba ngumyeni oqotho kumuntu azomthatha.

Utshele leli phephandaba ukuthi lona wunyaka omqoka empilweni yakhe njengoba agubha iminyaka ewu-20 esemahlayeni futhi ziningi nezinguquko azenzekalayo empilweni yakhe.

Uthe imicimbi yakhe yomzungezo wezikhungo zemfundo ephakeme ebizwa ngeSimphiwe Shembe and Friends iyaqala maduze njengoba ebambisene nenkampani yomakhalekhukhwini uVodacom.

Uqhube ngokuthi imicimbi yakhe yeComedy Picnics nayo izinhlelo zayo ziyaqhubeka njengoba owokuqala uzoba ngoJune eThekwini, owesibili ube ngoNovember Emakhosini Royal Sun e-Underberg ngo-December ube seNewcastle kanti owaseLundi izinhlelo zakho azikaphothulwa.

Ezisematheni

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

KULINDELEKE ukuthi kufakaze i-ANC ecaleni eliqhubekayo lokuphenya ngokufa kweNkosi Albert Luthuli eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu. UMnu Jeff Radebe ohola ithimba elichitshiyeliwe KwaZulu Natal kulindele afakaze egameni le-ANC ngoLwesibili mhla ka-22 kuNdasa...

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

UMNYANGO wezobuLungiswa eNingizimu Afrika ugxeke uNobhala Jikelele we-MK Party uMnu Floyd Shivhambu ngokuvakashela ibandla likaMfu Shepherd Bushiri i-Enlightened Christian Gathering eMalawi. UShivhambu uhambele kuleli bandla ukuzoba yingxenye yenkonzo yalo yePhasika....

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

KUBOSHWE abantu abangaphezulu kweyishumi ngokushayela bedle amanzi amponjwana kule mpelasonto yePhasika esifundazweni KwaZulu Natal. Kule mpelasonto ezokuphepha emgwaqweni yesifundazweni ibiqinisiwe ngenhloso yokunqanda izingozi ezinyantisayo ezingenzeka njengoba...