Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ayanda amazwe axwayisa izakhamizi zawo ngokuvakashela eNingizimu Afrika

Ayanda amazwe axwayisa izakhamizi zawo ngokuvakashela eNingizimu Afrika

by | 17 December 2025

ISIYIQAQA eyezinga eliphezulu lobugebengu eNingizimu Afrika, njengoba senyuka isibalo samazwe axwayisa izakhamizi zawo ngokuthi zibe mehlomane uma zikhetha ukuvakashela kuleli. Kamuva nje uhulumeni waseCanada, ulandele ezinyathelweni zeMelika, i-Australia neChina, wexwayisa abantu bawo ukuqikelela ukuphepha kwabo uma bekhetha ukuza eNingizimu Afrika njengoba liphezulu izinga lobugebengu obuhambisana nodlame, ukuthumba, ukubanjwa inkunzi, ukuhlaselwa nokuvukela umbuso imbala (terrorism).

ICanada ithi ubugebengu bakuleli buchaphazela ngisho izivakashi, njengoba kunezigameko lapho zibe yizisulu zokungenelwa ezindlini, ukubanjwa inkunzi, ukudlwengulwa nokubulawa. Lesi sexwayiso saleliya lizwe, sibonakala sithela inhlabathi kwezokuvakasha, ikakhulukazi ezase-malokishini njengoba sithe, yilapho umuntu esengozini khona kakhulu yokuba yisisulu sobugebengu.

NgoNhlangulana (June), iMelika yakhipha isexwayiso esikuLevel 2 ezakhamizini zayo ezifuna ukuvakashela eNingizimu Afrika, ngokuthi kumele zihlale manzonzwane, zisine zijeqeza uma zikuleli.
INingizimu Afrika ngelinye lamazwe athembele kakhulu kwezokuvakasha, njengoba ihamba phambili ngokwezibalo zezivakashi ezansi nezwekazi i-Afrika (SADC). Ngokwezibalo zeStats SA, elakuleli lemukele izivakashi ezilinga-niselwa ku-8.9 million ngonyaka odlule.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...