Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Zisale dengwane iziguli kumiswa udokotela wenhliziyo esibhedlela

Zisale dengwane iziguli kumiswa udokotela wenhliziyo esibhedlela

by | 26 July 2025

ZIBALISA ngokuba umntshingo ubethwa ngubani iziguli zaseWestville ngemuva kokumiswa isigubhukane kukadokotela wenhliziyo.

Umthombo ongaphakathi kulesi sibhedlela uthi konakele selokhu kwamiswa uDkt Ntando Duze.

Umthombo uveze ukuthi uDuze umiswe ngenxa yezinsolo ezibucayi abekwe zona kodwa ezinganabo ubufakazi obuphathekayo.

Umthombo uqhuba uthi ukumiswa kukaDuze sekudale inkinga enkulu njengoba iziguli zakhe zishaya phansi ngonyawo zingafuni ukuthola usizo kwabanye odokotela abakhona esibhedlela.

“Inkinga enkulu ukuthi kuneziguli ezinenkinga yenhliziyo kodwa ezincamela ukuphinda emuva uma zithola ukuthi uDuze akekho. Lokhu ke akukuhle ngoba kubeka zona engcupheni,” kuchaza umthombo.

Ezinye iziguli ezikhulume neLANGA zikhale ngokuthi azikaze zitshelwe ukuthi kungani emisisiwe uDuze.

“Mina sekuphele isikhathi eside ngilekelelwa uDuze ngenkinga yenhliziyo. Ngakho ke akulula ukuthi ngingamane ngiyiswe komunye udokotela ongayiqondi nakahle inkinga yami,” kusho isiguli esicele ukuba kugodlwe igama laso.

Esinye isiguli naso sihambe emazwini afanayo naso sikhala ngokuthi akulula ukuba singamane siyiswe komunye udokotela.

“Kulesi sibhedlela abasicabangeli bamumisa kanjani udokotela osisiza kangaka,” sisho kanjena.

Omunye umthombo uveze ukuthi umnyombo wokumiswa kukaDuze umayelana nokuthi kunabanye odokotela abangaphakathi abamnyundelayo.

“Abadlali bamfuna ehambile bacikwa idumela lakhe nangendlela asebenza ngokuzikhandla ngakhona,” usho kanjena.

Kuvela ukuthi udaba lukaDuze seluze lwafinyelela nakumkhandlu iHealth Council of Southern Africa.

Ethintwa ngalolu daba uDuze uvumile ukuthi umisiwe wenqaba ukunaba ekhala ngokuthi akathandi kuphazamiseke uphenyo ngalo.

UMxhumanisi wesi sibhedlela nomphakathi uMark Raptie uthe angeke bakwazi ukuphawula ngalolu daba okwamanje.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...