
AGCINE ebuyisiwe kuleli amasosha ophiko lweSouth African National Defence Force (SANDF) alimale kanzima eDemocratic Republic of Congo (DRC).
Kuzokhumbuleka ukuthi kufe amasosha akuleli awu-14 ngesikhathi itholene phezulu phakathi kwamasosha aseDRC namavukelambuso iM23, ngenyanga edlule. Amalungu eSANDF akuleliya lizwe ngemizamo yokudala ukuthula nokubuyisa uzinzo khona.
UMnu Siphiwe Dlamini, wezokuxhumana kwiSANDF, uthe lawa masosha afike kuleli ekuseni namuhla ngoLwesilibi asezothola ukuxilongwa okusezingeni eliphezulu esibhedlela sombutho, i1 Military Hospital.
“Amanye amasosha angalimele kakhulu silindele ukuba afike kuleli ngokuhamba kwesonto. I-SANDF, nezinye izinhlaka ezithintekayo, basebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi amalungu ethu alimele abuyiswa ephephile,” esho.







