INTATHELI YELANGA
WENZE okungajwayelekile owesifazane waseFrance emangalela umqashi wakhe ngokungamniki umsebenzi okufanele awenze, yize ebemholela kusukela eminyakeni ewu-20 edlule.
uLaurence Van Wasssenhove (59) (osesithombeni), uthi wajoyina iFrance Telecomn ngo-1993, enamaphupho amahle ngomsebenzi wakhe kwezakwandabazantu. Ngeshwa, ngenxa yezinkinga zempilo – okukhona kuzo isifo sokuwa ne-hemiplegia, okuyisimo esenza uhlangothi lube ndikindiki – wanikwa umsebenzi wokuba ngumabhalane. Umqashi wakhe wenza indawo asebenzela kuyona ukuba ihambisane nesimo sakhe sempilo.

Ngo-2002, iFrance Telecomn yathengwa ngenye inkampani, i-Orange. Emuva kokushintsha kwezandla ezinkampanini, uLaurence wacela ukushintshelwa ehhovisi elikwesinye isiyingi. Lokho kwenzeka, kodwa emuva kokuhlolwa ngo-2004, kwatholakala ukuthi akakulungele ukwenza lo msebenzi, wahlaliswa ekhaya.
Uthi kwahamba isikhashana, inkampani yagcina ingasaminiki umsebenzi okumele awenze, okwamenza wadideka, wahlaselwa nawukhwantalala. Ekhuluma nesiteshi seTV, iFTV, uLaurence uthi wazizwa ekhishwa inyumbazane, okwamshaya kakhulu emqondweni. “Bengihola impela, kodwa inkinga wukuthi inkampani beyenza sengathi ngingumuntu ongekho,” esho.
Ngo-2015, esekhathele wukuzitshwa enganikwa umsebenzi iminyaka ewu-10, wafaka isimangalo ohlakeni olulwa nokubadlulwa kwabantu ngenxa yezimo ezithile, ngethemba lokuthi inkinga yakhe izoxazululeka, kodwa lutho. “Akusona nhlobo isibusiso ukuhola uhleli ekhaya. Yinto okunzima ngendlela eyisimanga ukuyibekezelela,” esho.
Nokho i-Orange iyakuchitha okushiwo nguLaurence. Ithi izame konke ukuqinisekisa ukuthi usebenzela endaweni enezimo ezimvunayo – ngokwempilo. Ithi indaba yokubuyiselwa kwakhe emsebenzini, enze umsebenzi ozohambisana nesimo sakhe, yahlelwa, kodwa yagcina ingaphumelelanga kwazise bekuthi phathaphatha, uLaurence sekuthiwa uhlabe ikhefu lokugula.
Ummeli kaLaurence, uDavid Nabet-Martin, uthi ikilayenti lakhe selibe yisisulu sokubandlululwa kusukela ngo-2004, uveza izinsolo zokuthi i-Orange isike yazama ukuliyenga ukuba lesule emsebenzini.







