Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kwexwayiswa abantu ngabaqola abahola izibonelelo zakwaSassa

Kwexwayiswa abantu ngabaqola abahola izibonelelo zakwaSassa

by | 2 June 2025

I-POSTBANK yexwayisa abahola izibonelelo ukuqaphela amaqola azenza izisebenzi zakwaSassa.

Kuthiwa izigilamkhuba sezinomkhuba wokuvashela izisulu emakhaya, zifune imininingwane yazo, zizishaya sabantu abasizayo. Kuthiwa lo mkhuba udlange kumakhadi amasha asePostbank namakhadi amadala aphuzi, akwaSassa.

Kuthiwa zifike ziqambe zithi amakhadi ezisulu adinga ukulungiswa, futhi uma zingaziniki lezi zisebenzi imininingwane yamakhadi nama-pin, izibonelelo zazo zizovalwa.

Esitatimendeni esikhishwe yiPostbank, ithi “Sithanda ukuqinisekisa abantu ukuthi akukho lutho oludinga ukulungiswa emakhadini ethu amnyama, nasemakhadini akwaSassa a-gold. Lawa makhadi asazoqhubeka nokusebenza nangale komhla ka-31 kuNhlaba (May)”

Ixwayise abantu ukuthi:
Benganiki omunte umuntu amaPIN amakhade: Izisebenzi sakwaPostbank kaziwafuni amaPIN abantu
Baqaphele abantu abeza kubo kungahleliwe: Izisebenzi zakwaSassa nezasePostbank kaziveli zifike nje zingabikile ukuthi ziyeza.
Banganiki abantu amakhadi abo.
Babike izinto ezisolisayo: Babike uma kufika abantu bethi bavela kwaSassa.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...