Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kwexwayiswa abantu ngabaqola abahola izibonelelo zakwaSassa

Kwexwayiswa abantu ngabaqola abahola izibonelelo zakwaSassa

by | 2 June 2025

I-POSTBANK yexwayisa abahola izibonelelo ukuqaphela amaqola azenza izisebenzi zakwaSassa.

Kuthiwa izigilamkhuba sezinomkhuba wokuvashela izisulu emakhaya, zifune imininingwane yazo, zizishaya sabantu abasizayo. Kuthiwa lo mkhuba udlange kumakhadi amasha asePostbank namakhadi amadala aphuzi, akwaSassa.

Kuthiwa zifike ziqambe zithi amakhadi ezisulu adinga ukulungiswa, futhi uma zingaziniki lezi zisebenzi imininingwane yamakhadi nama-pin, izibonelelo zazo zizovalwa.

Esitatimendeni esikhishwe yiPostbank, ithi “Sithanda ukuqinisekisa abantu ukuthi akukho lutho oludinga ukulungiswa emakhadini ethu amnyama, nasemakhadini akwaSassa a-gold. Lawa makhadi asazoqhubeka nokusebenza nangale komhla ka-31 kuNhlaba (May)”

Ixwayise abantu ukuthi:
Benganiki omunte umuntu amaPIN amakhade: Izisebenzi sakwaPostbank kaziwafuni amaPIN abantu
Baqaphele abantu abeza kubo kungahleliwe: Izisebenzi zakwaSassa nezasePostbank kaziveli zifike nje zingabikile ukuthi ziyeza.
Banganiki abantu amakhadi abo.
Babike izinto ezisolisayo: Babike uma kufika abantu bethi bavela kwaSassa.

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...