Ilanga News
Home 9 Featured 9 ‘UHULUMENI UYALUSEBENZA UDABA LWAMA-SPAZA ADAYISA UKUDLA OKUNGALUNGILE’

‘UHULUMENI UYALUSEBENZA UDABA LWAMA-SPAZA ADAYISA UKUDLA OKUNGALUNGILE’

by | 14 November 2024

LUCKY CAIN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, uthi uhulumeni wakhe uyalusukulema udaba lwezigameko zezitolo ezingama-spaza ezidayisa ukudla okungalungile, okugcina sekugulisa futhi kubulala abantu emiphakathini.

UNtuli uveze lokhu ngesikhathi ekhuluma esithangamini sabezindaba ehhovisi lakhe eThekwini ngoLwesine. Uthe kulandela umthetho osanda kusayinwa nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu kuzwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, othinta nokusebenza kwama-spaza, babize umhlangano ophuthumayo ozokuba ngoLwesihlanu.

Uthe kulo mhlangano bameme zonke izimeya zakulesi sifundazwe ukuzodingida lolu daba nendlela omasipala okumele baqhube ngayo ukubhekana nezitolo ezephula umthetho. Ziyaqhubeka nokwanda izigameko zezingane ezingeniswa ezibhedlela, ezinye ezifayo, ngezinsolo zokudla ukudla okunobuthi, okuthengwe ema-spaza, iningi lawo aphethwe ngabokufika ezweni lonke.

Isigameko sakamuva KwaZulu-Natal ngesomndeni wasendaweni yaseCambana, eMzimkhulu, lapho kushone khona izingane ezintathu nenja, kanti ugogo wezingane ubesaxinekile esibhedlela. Zibalelwa ngaphezulu kuka-20 izigameko esezibikiwe KwaZulu-Natal ngenxa yokudla ukudla okungekho esimweni njengoba iningi labahaqekayo kuba yizingane zesikole.

Khona ngoLwesine, bekulindelwe ukuba uMengamel Cyril Ramaphosa akhulume nesizwe mayelana nalezi zigameko nezinyathelo ezithathwa wuhulumeni.

Khonamanjalo uNtuli uveze ukuthi ongqongqoshe bekhabinethi yakhe sebesayine isivumelwano esilawula ukusebenza kwabo.

Uthe lesi sivumelwano sihambisana nombandela wokuba badadule indlela yokusebenza nezinhlelo zabo zengxenye yonyaka. Uthe kumqoka ukuba ongqongqoshe basebenze ngaphansi kwalesi sivumelwano ngoba yisona esizobagada ukuthi basahambisa izinto ngendlela efanele yini.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...