Ilanga News
Home 9 Featured 9 ‘UHULUMENI UYALUSEBENZA UDABA LWAMA-SPAZA ADAYISA UKUDLA OKUNGALUNGILE’

‘UHULUMENI UYALUSEBENZA UDABA LWAMA-SPAZA ADAYISA UKUDLA OKUNGALUNGILE’

by | 14 November 2024

LUCKY CAIN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, uthi uhulumeni wakhe uyalusukulema udaba lwezigameko zezitolo ezingama-spaza ezidayisa ukudla okungalungile, okugcina sekugulisa futhi kubulala abantu emiphakathini.

UNtuli uveze lokhu ngesikhathi ekhuluma esithangamini sabezindaba ehhovisi lakhe eThekwini ngoLwesine. Uthe kulandela umthetho osanda kusayinwa nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu kuzwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, othinta nokusebenza kwama-spaza, babize umhlangano ophuthumayo ozokuba ngoLwesihlanu.

Uthe kulo mhlangano bameme zonke izimeya zakulesi sifundazwe ukuzodingida lolu daba nendlela omasipala okumele baqhube ngayo ukubhekana nezitolo ezephula umthetho. Ziyaqhubeka nokwanda izigameko zezingane ezingeniswa ezibhedlela, ezinye ezifayo, ngezinsolo zokudla ukudla okunobuthi, okuthengwe ema-spaza, iningi lawo aphethwe ngabokufika ezweni lonke.

Isigameko sakamuva KwaZulu-Natal ngesomndeni wasendaweni yaseCambana, eMzimkhulu, lapho kushone khona izingane ezintathu nenja, kanti ugogo wezingane ubesaxinekile esibhedlela. Zibalelwa ngaphezulu kuka-20 izigameko esezibikiwe KwaZulu-Natal ngenxa yokudla ukudla okungekho esimweni njengoba iningi labahaqekayo kuba yizingane zesikole.

Khona ngoLwesine, bekulindelwe ukuba uMengamel Cyril Ramaphosa akhulume nesizwe mayelana nalezi zigameko nezinyathelo ezithathwa wuhulumeni.

Khonamanjalo uNtuli uveze ukuthi ongqongqoshe bekhabinethi yakhe sebesayine isivumelwano esilawula ukusebenza kwabo.

Uthe lesi sivumelwano sihambisana nombandela wokuba badadule indlela yokusebenza nezinhlelo zabo zengxenye yonyaka. Uthe kumqoka ukuba ongqongqoshe basebenze ngaphansi kwalesi sivumelwano ngoba yisona esizobagada ukuthi basahambisa izinto ngendlela efanele yini.

Ezisematheni

Ugwetshwe udilikajele owabulala uyise ngomshiza

Ugwetshwe udilikajele owabulala uyise ngomshiza

UGWETSHWE ulikajele owesilisa owabulala uyise ngokumshaya ngomshiza, kulandela ingxabano. INkantolo yesiFunda eHlanganani igwebe uSihle Emmanuel Khambule (37) ngemuva kokulahlwa yicala lokubulala uyise uMzingelwa Khambule (66). Isigameko senzeke eBulwer, KwaZulu-Natal...

Kuqinisekiswa nokushona kwegidangoma leNkosi Yamagcokama

Kuqinisekiswa nokushona kwegidangoma leNkosi Yamagcokama

KUQINISEKISWE nokudlula emhlabeni kwegidangoma engozini yemoto ebulale umculi kamaskandi ebusuku uScebi Dlamini obedume ngeNkosi Yamagcokama. UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uthi iNkosi Yamagcokama ishonele endaweni yesigameko kule ngozi eyenzeke erobhothini...

Bafuna kuchithwe icala losolwa ngokubulala u-Ayabonga Mjilo

Bafuna kuchithwe icala losolwa ngokubulala u-Ayabonga Mjilo

NGUMNU Mfanafuthi Kunene esebhokisini. UMMELI wowesilisa obhekene necala lokubulala u-Ayabonga Mjilo, isidumbu sakhe esatholwa sifakwe estamkokweni, ufake isicelo sokuba lichithwe icala ngoba ethi kabukho ubufakazi obukhomba ukuthi ikilayenti lakhe linecala. Lokhu...