Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ahlalise lubhojozi abafuyi amabhubesi adla imfuyo

Ahlalise lubhojozi abafuyi amabhubesi adla imfuyo

by | 23 January 2025

USUSABELA impilo yawo umphakathi waseGluckstadt, eVryheid, ohlushwa ngamabhubesi ahlasela imfuyo ebusuku, ayibulale.

ILANGA likhulume noMnu Zakhele Khumalo wasesigodini saseMagcekeni, othi ngoLwesine ekuseni uthe eyolanda inkomo ebeyikhulelwe sekumele izale, wayifica idindilize phansi, ifile nezinye ezintathu.

“Ngibize amalungu omphakathi, afika nawo abheka, kwabonakala ukuthi kunezinyawo lapho bekuhamba khona ibhubesi. Siyasola ukuthi leqe kwesinye seziqiwi ezikhona. Abe-Ezemvelo KZN Wildlife, bafike baqinisekisa ukuthi ngempela yibhubesi elenze umonakalo,” kusho uKhumalo.

Uthi nangeSonto abakwaKZN Wildlife, bafikile balibheka ibhubesi, kodwa bangalithola, nokwenza babone impilo yabo isengcupheni ngoba kabazi ukuthi lingakuphi.

“Kunzima nokuphuma siyobheka imfuyo emadlelweni ukuthi iphephile yini ngoba sisabela ukuthi singabe sesibeka impilo yethu engcupheni ngoba nathi lingasihlasela,” kusho yena.

Uthi okubaphathe kabi wukuthi abakwaKZN Wildlife, bathe bangakwazi ukubanxephezela uma ibhubesi litholakala.

“Imfuyo siziphilisa ngayo, ngiyaxakeka uma sebethi bazosinxephezela uma belithola ibhubesi leli. Lokho kusho ukuthi uma begcina bengalitholi, thina sibhekene nenkinga ngoba siyobe sesilahlekelwe,” kusho yena.

Okhulumela iKZN Wildlife, uMnu Musa Mntambo uqinisekisile ukuthi kunethimba labo elihambele endaweni yaseGluckstadt, lapho kuthiwa kunamabhubesi abonakale khona.

“Kuqalwe ukuthi abhekwe ngoMgqibelo amabhubesi kodwa agcina engatholakalanga. Kuphinde kwafika nebhanoyi elinophephela emhlane, kwabhekwa nangalo kodwa angatholakala.

“Njengamanje mathathu amabhubesi osekuqinisekisiwe ukuthi abonakale endaweni yaseGluckstadt ngaphansi kukaMasipala Abaqulusi. Sexwayisa umphakathi, ikakhulukazi labo abashiya izinkomo emadlelweni ukuba bazilande kuze kube amabhubesi lawa ayatholakala,” kusho uMntambo.

Uthi okwamanje kabakatholi ukuthi amabhubesi eqe kuphi, wathi abafuyi abalimalelwe yimfuyo bazonxeshezelwa.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...