
USUSABELA impilo yawo umphakathi waseGluckstadt, eVryheid, ohlushwa ngamabhubesi ahlasela imfuyo ebusuku, ayibulale.
ILANGA likhulume noMnu Zakhele Khumalo wasesigodini saseMagcekeni, othi ngoLwesine ekuseni uthe eyolanda inkomo ebeyikhulelwe sekumele izale, wayifica idindilize phansi, ifile nezinye ezintathu.
“Ngibize amalungu omphakathi, afika nawo abheka, kwabonakala ukuthi kunezinyawo lapho bekuhamba khona ibhubesi. Siyasola ukuthi leqe kwesinye seziqiwi ezikhona. Abe-Ezemvelo KZN Wildlife, bafike baqinisekisa ukuthi ngempela yibhubesi elenze umonakalo,” kusho uKhumalo.
Uthi nangeSonto abakwaKZN Wildlife, bafikile balibheka ibhubesi, kodwa bangalithola, nokwenza babone impilo yabo isengcupheni ngoba kabazi ukuthi lingakuphi.
“Kunzima nokuphuma siyobheka imfuyo emadlelweni ukuthi iphephile yini ngoba sisabela ukuthi singabe sesibeka impilo yethu engcupheni ngoba nathi lingasihlasela,” kusho yena.
Uthi okubaphathe kabi wukuthi abakwaKZN Wildlife, bathe bangakwazi ukubanxephezela uma ibhubesi litholakala.
“Imfuyo siziphilisa ngayo, ngiyaxakeka uma sebethi bazosinxephezela uma belithola ibhubesi leli. Lokho kusho ukuthi uma begcina bengalitholi, thina sibhekene nenkinga ngoba siyobe sesilahlekelwe,” kusho yena.
Okhulumela iKZN Wildlife, uMnu Musa Mntambo uqinisekisile ukuthi kunethimba labo elihambele endaweni yaseGluckstadt, lapho kuthiwa kunamabhubesi abonakale khona.
“Kuqalwe ukuthi abhekwe ngoMgqibelo amabhubesi kodwa agcina engatholakalanga. Kuphinde kwafika nebhanoyi elinophephela emhlane, kwabhekwa nangalo kodwa angatholakala.
“Njengamanje mathathu amabhubesi osekuqinisekisiwe ukuthi abonakale endaweni yaseGluckstadt ngaphansi kukaMasipala Abaqulusi. Sexwayisa umphakathi, ikakhulukazi labo abashiya izinkomo emadlelweni ukuba bazilande kuze kube amabhubesi lawa ayatholakala,” kusho uMntambo.
Uthi okwamanje kabakatholi ukuthi amabhubesi eqe kuphi, wathi abafuyi abalimalelwe yimfuyo bazonxeshezelwa.