Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Zidele amakhaza izintombi-nto zihambisa umhlanga

Zidele amakhaza izintombi-nto zihambisa umhlanga

by | 7 September 2025

YISILO uMisuzulu kaZwelithini semukela umhlanga ezintombini.


ZIDELE amakhaza ashubisa umkantsha izintombi-nto, zihambisa umhlanga phambi kweNgonyama yesizwe uMisuzulu kaZwelithini esigodlweni eMachobeni, eNgwavuma, ngaphansi kukaMasipala iJozini, eMkhanyakude. 

Minyaka yonke izintombi-nto zihambisa umhlanga phambi kweSilo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi zisazigcinile izibaya zoyise. Amakhaza abehambisana nomkhemezele akuzinqindaba umfutho izintombi ebeziviliyela, zicula amaculo azo.  

Umcimbi ubuhanjelwe yizicukuthwane zemikhakheni eyahlukene. Lona wumcimbi owandulela omkhulu ozobanjelwa esigodlweni eMashobeni, oPhongolo. Kuzobe kungokokuqala ubanjelwe kulesi sigodlo kulandela isimemezelo seSilo. 

Izintombi-nto ezikhulume neLANGA ziveze ukuthi ziyawuthokozela lo mkhosi ngoba ukhuthaza ukuzigcina kwazo. UNomkhosi Mabika (23) uthe uneminyaka engaphezulu kweshumi aqala ukuhlolwa. 

“Ngaqala ukuhlolwa ngineminyaka ewu-11. Kuthe sengineminyaka ewu-14, ngangena ebhasini eliya emkhosini. Angikaze ngilahleke. Laba abathi kufanele kuqalwe ku-16 years ukuhlolwa kwezintombi-nto, mina angivumelani nabo. Bona ngabe babeka ezinye izizathu zokuthi bafuna kuqedwe ngesiko lakwaZulu.

“Ngokwemvelaphi yami ngingowaseBuThonga, okusho ukuthi kangiyena uMzulu kodwa ngesiko lakwaZulu ngigcinekile. Kumanje ngisezinhlelweni zokuya emendweni ngiyintombi-nto, kungenxa yokulandela leli siko,” kusho uNomkhosi. 

Ezinye izintombi-nto ziveze ukuthi zizophoqeleka ukuba zingene emigwaqweni, zibhikishe, uma kunabathile abaqhubeka nesiphakamiso sokuba angabe esahlolwa amantombazane aneminyaka engaphansi kuka-16. 

Nanamuhla ngeSonto izintombi-nto zizoqhubeka nokubhikla ingoma, ngemuva kwalokho iSilo sethule inkulumo nomyalezo ohambisana nokubhalwa okuhle kwezivivinyo zokuphela konyaka.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...