
ASENGCUPHENI amasheya kaBobby Motaung eqenjini iKaizer Chiefs, kulandela isikweletu sika-R4.3 million okuthiwa usikweleta inkampani eyamdayisela ibhilidi negaraji lokuthela uphethiloli, alithenga eminyakeni ewu-15 edlule.
Ngokubika kweSunday Times, uMotaung ubhekene ngeziqu zamehlo nenkampani iPent Up Investments, kusukela ngo-2011 njengoba imsola ngokuphila impilo ephezulu ekubeni eyikweleta izizumbulu.
Kubikwa ukuthi le nkampani igcine iphoqeleka ukubabela enkantolo, ngenhloso yokuphoqa uMotaung ukuba akhokhe le mali. Kuvela ukuthi emaphepheni afakwe yile nkampani enkantolo, ifuna ukubamba amasheya kaMotaung kuleli qembu lebhola elingelinye lahamba phambili ngabalandeli eNingizimu Afrika.
Ngokubika kwaleli phephandaba eliphuma ngeSonto, ngenyanga edlule uMotaung ufake amaphepha ephikisana nesicelo esifakwe yile nkampani, lapho eveze khona ukuthi iyagagamela futhi isebenzisa budlabha uhlelo lwasenkantolo. Kula maphepha uthi ikhona enye indlela le nkampani engenza ngayo ukuzama ukuqoqa isikweletu.
UMotaung kuthiwa usole le nkampanni ngokungaqhubi kahle uhlelo ngokuzitholela ngokwayo ukuthi amasheya akhe kwiKaizer Holdings, anele yini ukukhokha lesi sikweletu. Usichithile isamba sika-R4.3 million le nkampani ethi usikweleta yona, njengoba eveze ukuthi imali ekhokhwe ngemuva kukaMasingana (January 2024) kayibalwanga.
Ngokubika kweSunday Times, uMotaung uthe izinsolo zokuthi unamabhilidi nokuthi ungumqondisi ezinkampanini ezahlukene, kakunasisekelo sokuthi le nkampani isingasebenzisa khona ukuzama ukuqoqa isikweletu sayo. Liqhuba lithi (iphephandaba) isicelo sale nkampani sokuqoqa lesi sikweletu sisezithebeni zenkantolo, kanti lokhu kubeka izimpahla zikaMotaung engcupheni.
Kubikwa ukuthi phakathi kwezimpahla ezisengcupheni kubalwa izimoto namanye amabhilidi akhe. UMotaung kuthiwa uyakuveza emaphepheni asenkantolo ukuthi amasheya akhe amataniswa neKaizer Chiefs, ayingxenye yesicelo esifakwe yile nkampani enkantolo.







