Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Lihoxisiwe icala ‘likadokotela wakuTikTok’

Lihoxisiwe icala ‘likadokotela wakuTikTok’

by | 21 November 2024

Mthokozisi Dlomo

UPHIKO lwezokushushisa iNational Prosecuting Authority (NPA) selunqume ukulihoxisa icala ebelethweswe usaziwayo wasezinkundleni zokuxhumana uMatthew Lani, obesolwa ngokuzenza udokotela.

UNkz Phindi Mjonondwane, okhulumela iNPA, ngoLwesine ekuseni uthe bathathe lesi sinqumo ngenxa yokushoda kobufakazi. ULani ube sematheni ngoMfumfu (October) nyakenye ngama-video akhe kuTikTok, ‘ezenza udokotela’. Kwamanye alawa ma video ubebonakala sengathi ‘usemsebenzini’ esibhedlela noma eginjini likadokotela.

Wabanjwa ngonogada basesibhedlela iHelen Joseph, eGoli, ngoNcwaba, waboshwa. I-NPA ithi lolu daba selucinyiwe emabhukwini ayo ngenxa yokushoda kobufakazi bokuthi uLani ubezenza udokotela.

ULani utshele iSunday World ukuthi ujabule ngesinqumo senkantolo.

“Ngijabule ngokuthi lo mthwalo ususukile emahlombe ami, manje sengingaqala ngakhe kabusha impilo yami.”

“Ukulahlekelwa yiyona yonke into enginayo kube yisifundo esinzima. Ngifundile ubumqoka bokuqaphela into engiyifaka online,” esho.

Ubethe uzolibangisa eNkantolo yeMantshi eGoli ukuyothola incwadi ewubufakazi bokuthi lihoxisiwe icala abebhekene nalo, ngaphambi kokuya esiteshini samaphoyisa eBrixton ukuyofuna iselula nezinye izinto athi zathathwa ngamaphoyisa kuyena ngesikhathi eboshwa.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...