Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Lihoxisiwe icala ‘likadokotela wakuTikTok’

Lihoxisiwe icala ‘likadokotela wakuTikTok’

by | 21 November 2024

Mthokozisi Dlomo

UPHIKO lwezokushushisa iNational Prosecuting Authority (NPA) selunqume ukulihoxisa icala ebelethweswe usaziwayo wasezinkundleni zokuxhumana uMatthew Lani, obesolwa ngokuzenza udokotela.

UNkz Phindi Mjonondwane, okhulumela iNPA, ngoLwesine ekuseni uthe bathathe lesi sinqumo ngenxa yokushoda kobufakazi. ULani ube sematheni ngoMfumfu (October) nyakenye ngama-video akhe kuTikTok, ‘ezenza udokotela’. Kwamanye alawa ma video ubebonakala sengathi ‘usemsebenzini’ esibhedlela noma eginjini likadokotela.

Wabanjwa ngonogada basesibhedlela iHelen Joseph, eGoli, ngoNcwaba, waboshwa. I-NPA ithi lolu daba selucinyiwe emabhukwini ayo ngenxa yokushoda kobufakazi bokuthi uLani ubezenza udokotela.

ULani utshele iSunday World ukuthi ujabule ngesinqumo senkantolo.

“Ngijabule ngokuthi lo mthwalo ususukile emahlombe ami, manje sengingaqala ngakhe kabusha impilo yami.”

“Ukulahlekelwa yiyona yonke into enginayo kube yisifundo esinzima. Ngifundile ubumqoka bokuqaphela into engiyifaka online,” esho.

Ubethe uzolibangisa eNkantolo yeMantshi eGoli ukuyothola incwadi ewubufakazi bokuthi lihoxisiwe icala abebhekene nalo, ngaphambi kokuya esiteshini samaphoyisa eBrixton ukuyofuna iselula nezinye izinto athi zathathwa ngamaphoyisa kuyena ngesikhathi eboshwa.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...