Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-IEC ichitha i-ANC ngeyobuhixihixi ekubhaliseni abazoyimela okhethweni

I-IEC ichitha i-ANC ngeyobuhixihixi ekubhaliseni abazoyimela okhethweni

by | 3 September 2026

IKHOMISHINI yokhetho eNingizimu Afrika (IEC), ichithe eyobuhixihixi bezobuchwepheshe, i-ANC ihluleka wukubhalisa abanye abazoyimela komasipala abahlukene e-Eastern Cape.

Esithangamini sabezindaba izolo ngoLwesithathu, le khomishini icacise ngezinsolo ezenziwe yileli qembu ngoMsombuluko, ngemuva kokuba lehlulekile wukubhalisa ngesikhathi abazolimela komasipala abahlukene e-Eastern Cape. NgoLwesihlanu bekuwusuku lomnqamulajuqu ukubhaliswa kwamagama alabo abazomela amaqembu ezikhundleni zobukhansela nobumeya.

Ekhuluma kulesi sithangami uMnu Sy Mamabolo, oyisikhulu esiphezulu sale khomishini, uthe ngasohlangothini lwabo, kabukho ubuhixihixi bezobuchwepheshe obubekhona, obuphazamise ukubhaliswa kwala magama. Uthe ukubhaliswa kwamagama kuvalwe ngokusemthethweni ngoLwesihlanu mhla ka-28 kuNcwaba (August), futhi kalikho iwindi lozwelo elizovulwa, ukunikeza leli qembu noma elinye elinga- kwazanga ukubhalisa kusenesikhathi.

Uthe ukuvalwa kwalesi sigaba kuvula esinye, esokulungiselela ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi (November) nonyaka. Uthe isigaba le khomishini esilungisayo manje, ngesokuqinisekisa ukuthi wonke amagama abhaliswe ngokusemthethweni, anemininingwane eqondile, futhi uma kukhona okushodayo kulawo magama, yilona thuba lokuthi leyo mininingwane ithunyelwe kuyona.

Uthe lesi sigaba sizovalwa ngomhla ka-7 kuMandulo (September) kwephezulu, kuthi ngomhla ka-9, kuhlanganiswe lonke uhlu lwamagama asemthethweni, azomela amaqembu noma abazongenela ukhetho ngokuzimela ngokusemthethweni. Uthe lolu hlu luzokhishelwa emphakathini kusukela ngomhla ka-16 kwephezulu. Kuzobe kungekhona okokuqala ukuthi iqembu lezepolitiki lihluleke wukungenela ukhe- tho ngenxa yokungakwazi ukubhalisa kusenesikhathi.

Ngo-2016 iNFP yasala okhethweni ngenxa yokuhluleka ukubhalisa kusenesikhathi okhethweni lwalowo nyaka. UMamabolo uthe ukubhaliswa kwamagama kwavulwa ngomhla ka-21 kuNhlangulana (June), amaqembu abenesikhathi esanele ukuqinisekisa ukuthi kushaya usuku lomnqamulajuqu esebhalise ngokugcwele.

Uthe bazoqhubeka nokuxoxisana namaqembu kuya phambili, wabe esenxusa abaholi bawo ukuba baqinisekise ukuthi kabakhulumi izinto ezizokwenza umphakathi ube nongabazane ngalolu khetho, noma ngale khomishini. Ngakolunye uhlangothi i-ANC iveze ukuthi nayo izoqhubeka nokuxoxisana ne-IEC ngalolu daba.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...