Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

by | 19 January 2025


NGUMNU Nhlalayenza Ndlovu owayeyikhansela leDA, owadutshulwa wabulawa emzini wakhe oseMpophomeni, eHowick.

USHAYE ingqimphothwe, wahoxisa isicelo sokudedelwa ngebheyili owesilisa osolwa ngokuba nesandla ekufeni kukaMnu Nhlalayenza Ndlovu, owayengusotswebhu we-DA kuMasipala uMngeni.

UNdlovu wadutshulwa amahlandla ayishumi phambi kwamalungu omndeni wakhe oseMpophomeni, eHowick, ngoZibandlela (December) ka-2023.

UMnu Thobani Hlongwa (31) ubevele ngoLwesine eNkantolo yeMantshi yaseHowick, lapho bekulindeleke ukuba aqhubeke nesicelo sakhe sebheyili, kodwa watshela inkantolo ukuthi useyasihoxisa. UHlongwa ubevele enkantolo nomunye wesilisa osanda kuboshelwa lona leli cala.

UHlongwa, okusolwa ukuthi uyilungu lamaqembu ahlalise kabuhlungu umphakathi waseMgungundlovu, waboshwa ngenyanga kaMfumfu (October) nyakenye, watholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.

Ngaphakathi enkantolo kuvele ukuthi uHlongwa nozakwabo babengazi ukuthi baqashelwe ukubulala umuntu ongusopolitiki, futhi nomufi babengamazi ukuthi ungumholi womphakathi.

Umsolwa wesibili osanda kuboshelwa leli cala, kuvela ukuthi ungomunye wabantu ababehamba phambili ngokugovuza umphakathi ulwisane nabantu abaphikisana nokusentshenziswa kukagesi ngaphandle kokuwukhokhela.

UHlongwa watshela inkantolo ukuthi akahlobene nesigameko sokubulawa kukamufi ngoba ngosuku lwesigameko wayekubo, ehleli nonina kanye nogogo wakhe. Kwabuye kwavela ukuthi uHlongwa ungusomabhizinisi onesitolo esithengisa inyama, abuye abe ngumnikazi wenkampani ethengisa isihlabathi endaweni yaKwaPata.

UMnu Francios Rodgers, ongumholi weDA KwaZulu-Natal, uthe leli qembu liyasemukela isinqumo sokuhoxiswa kwesicelo sebheyili.

“Iqembu lethu lakhipha imali engaphezulu kwesigidi linxusa ongaba nolwazi ukuba asondele ngaphambili nalo. Ngaphezu kwalokho, saziqashela umphenyi ozimele ngoba sifuna ukwenza ukuthi ube lula umsebenzi wamaphoyisa. Siyakwemukela nokuboshwa komholi womphakathi osolwa ngokuba nesandla ekufeni kukaNdlovu esikholwa wukuthi wabulawelwa ukulwisana nokuthengiswa komhlaba kanye nokuphikisana nokuntshontshwa kuka gesi,” kusho uRodgers.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...