Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Akaphumele obala othi uMcKenzie wambiza ngekhafula’

‘Akaphumele obala othi uMcKenzie wambiza ngekhafula’

by | 12 August 2025

UNGQONGQOSHE wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko uMnu Gayton McKenzie uthe ngeke ayixolisele into angayazi futhi ngeke esule esikhundleni sakhe.

UMcKenzie, ongumholi weqembu iPatriotic Alliance, uzalelwe yinja endlini ngeledlule ngemuva kokusabalala kwama-post akudala kwi-X (Twitter), ‘ebiza abamnyama ngamakhafula’.

Uthi ukugxekwa kwakhe nokufakelwa kukaMengameli Cyril Ramaphosa ukuba amthathele izinyathelo kuyitulo lokudicilela phansi isithunzi seqembu lakhe njengoba kuyiwa okhethweni ngonyaka ozayo.

“Selokhu ngazalwa, angikaze ngibize umuntu ngekhafula. Onobufakazi makavele obala athi wena Gayton, wabiza usibanibani ngekhafula,” esho.

“Ukucwasa ngokobuhlanga kuba nesisulu. Ngubani isisulu lapha? Ngubani umuntu engambiza ngekhafula? Yinto yokuqala leyo okufanele kuvele ubufakazi bayo ngaphambi kokuba ngithathelwe izinyathelo.”

Uthi nakuba kumcasula ukuhlanjalazwa ngalezi zinsolo, kodwa uzoluthobela uphenyo uma lwenziwa, ukuziveza ukuthi umsulwa.

Ama-post kaMcKenzie akudala avele ngemuva kokuba evulele icala abe-Open Chats Podcast ebasola ngenkulumo ecwasa amaKhaladi.

Amaqembu okubalwa kuwona iDA, i-EFF ne-Action SA asefake ingcindezi kuRamaphosa nakwiHuman Rights Commission ukuba athathelwe izinyathelo uMcKenzie.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...