Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Akaphumele obala othi uMcKenzie wambiza ngekhafula’

‘Akaphumele obala othi uMcKenzie wambiza ngekhafula’

by | 12 August 2025

UNGQONGQOSHE wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko uMnu Gayton McKenzie uthe ngeke ayixolisele into angayazi futhi ngeke esule esikhundleni sakhe.

UMcKenzie, ongumholi weqembu iPatriotic Alliance, uzalelwe yinja endlini ngeledlule ngemuva kokusabalala kwama-post akudala kwi-X (Twitter), ‘ebiza abamnyama ngamakhafula’.

Uthi ukugxekwa kwakhe nokufakelwa kukaMengameli Cyril Ramaphosa ukuba amthathele izinyathelo kuyitulo lokudicilela phansi isithunzi seqembu lakhe njengoba kuyiwa okhethweni ngonyaka ozayo.

“Selokhu ngazalwa, angikaze ngibize umuntu ngekhafula. Onobufakazi makavele obala athi wena Gayton, wabiza usibanibani ngekhafula,” esho.

“Ukucwasa ngokobuhlanga kuba nesisulu. Ngubani isisulu lapha? Ngubani umuntu engambiza ngekhafula? Yinto yokuqala leyo okufanele kuvele ubufakazi bayo ngaphambi kokuba ngithathelwe izinyathelo.”

Uthi nakuba kumcasula ukuhlanjalazwa ngalezi zinsolo, kodwa uzoluthobela uphenyo uma lwenziwa, ukuziveza ukuthi umsulwa.

Ama-post kaMcKenzie akudala avele ngemuva kokuba evulele icala abe-Open Chats Podcast ebasola ngenkulumo ecwasa amaKhaladi.

Amaqembu okubalwa kuwona iDA, i-EFF ne-Action SA asefake ingcindezi kuRamaphosa nakwiHuman Rights Commission ukuba athathelwe izinyathelo uMcKenzie.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...