Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Kukhulekelwe iPhasika kowePre Easter Gospel Festival

Kukhulekelwe iPhasika kowePre Easter Gospel Festival

by | 13 April 2025

INKAKHA yomculi we-gsopel uJabu Hlongwane ucele umzuzu wokukhulekela imepelasonto yePhasika engenazihibe nengenazo izingozi zomgwaqo ngesikhathi edumisa emcimbini wePre Easter Gospel Festival obuseJesus Dome eMayville eThekwini ngoMgqibelo.

Izinkumbi zabathandi balolu hlobo lomculo baphume ngobuningi ukuzoduma kulo mcimbi obekuboshelwe abaculi abahlukene.

Lo mcimbi uqale ntambama seligamenxe ihora lesine lapho uvulwe khona ngabaculi abasebasha abavundululwe ngesikhathi kwenziwa inhlolokhono. Laba baculi abayishumi banikezwe imizuzu emine umculi ngamunye ukuba aqhulule ingoma.

Nebala bagile izimanga abantu baqala bathokoza.

Ngemuva kwalaba baculi abavundululilwe kube sekungena uMfu Sandile Msimanga ofunde izwi ebeliqhambisa uthando nokuthandwa nguMdali owaze wanikela ngendodana yakhe izelwe iyodwa.

UMfu Msimanga ufunde izwi wabe esekhuleka nokuthe lapho eqeda khona kwabe sekuqala umculo ongenamkhawulo.

Abaculi babe sebeqala beshiyelaa inkundla ngokulandelana kwabo ngaphandle kwekhefu njengoba inkundla ivulwe nguNtokozo Mkhize othathe abantu wababeka ezulwini ngamanoni akhe kube sekulendelana ngohlu lwabo uThandeka Dube, Yanga Sobetwa, Mahalia , Phuthuma Tiso, Sneziey, Mthunzi Namba, Jabu Hlongwane, Lusanda Beja, Sbu Noah, Khaya Mthewa noHle.

Umcimbi uvalwe uJumbo noLungelo Hlongwane abawuvale ngegiya eliphezulu lo mcimbi.

Ngesikhathi sekucula uHlongwane uke wakumisa ukucula kwakhe wabe esecela kuthulakale ukuze kube nomzuzu wokukhuleka.

UHlongwane ukhulekela ukuphepha emgwaqweni nokuthi bonke abantu abebehambele lo mcimbi baphephe ngempelasonto ePhasika ezintweni ezimbi nasezingozini.

Lo mcimbi ukhombise ukuba impumelelo njengoba abebewuhambele baphume bethokozile abanye befuna ungapheli ngenxa yenjabulo.

Ezisematheni

IMarch and March nokhukhulela ngoqo wemashi yamadoda

IMarch and March nokhukhulela ngoqo wemashi yamadoda

INHLANGANO eqhuba umkhankaso wokuxosha abokufika eNingizimu Afrika abangenamaphepha, iMarch and March imemezele ukhukhulela ngoqo wemashi yamadoda ukulwa nokuhlukunyezwa nokubulawa  kwabesifazane ezoba ngomhlaka 30 kuMandulo (September). USihlalo obambile weSA...

UNtuli ufuna isigwebo esinzima kosolwa kwangu-16 okudlwengula

UNtuli ufuna isigwebo esinzima kosolwa kwangu-16 okudlwengula

UZOBUYELA ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yaseThekwini owesilisa (46) othweswe amacala angu-16 okudlwengula abesifazane eCato Manor nasezindaweni ezakhele yona. Lo wesilisa ubevele enkantolo ngoMsombuluko emva kokuboshwa ngoMgqibelo. Inkantolo ithe uzobuya kuyona...

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

INKATHA Freedom Party (IFP) inxuse abavoti ukuba bayethembe njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi nonyaka. Ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa komhlahlandlela wokhetho, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa uthe zinhlanu...