Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 UHlabisa uthi uyakujabulela ukubona intsha ingenela izikhundla zobukhansela

UHlabisa uthi uyakujabulela ukubona intsha ingenela izikhundla zobukhansela

by | 3 August 2026

UKHUTHAZE ubumbano emaqenjini ezepolitiki uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa, ngesikhathi ehambela izikhungo zokubhalisela ukuvota eThekwini namaphethelo.

UHlabisa obehambisana nabaholi abahlukene baleli qembu, uzwakalisa ukujabula ngalokhu akubonile ezikhungweni azihambelile. Uthe ukhuthazekile ngokubona isibalo sabantu abasha asebekhombisa intshisekelo ekuphathweni kwezwe.

 “Kungijabulisile ukubona abantu besifazane nentsha, bengenela ukuba ngamakhansela abanye bemele amaqembu abo ezepolitiki ezikhungweni ezahlukene,” kusho uHlabisa. 

UHlabisa ekhuluma neLANGA ubesesikhungweni iSea Cow Lake Secondary, lapho ethole umbiko wokuthi ngoMgqibelo kubhaliswe abavoti abawu-36, kanti izolo ngeSonto ngesikhathi sokufika kwakhe, bese kubhaliswe abawu-31. 

Unxuse abantu ukuba baqhubeke nokubhalisela ukuvota, futhi baqinise- kise ukuthi amagama abo ayavela ohlwini lwabazovota ezikhungweni abangaphansi kwazo. 

Uthe abangeke bakwazi ukuya ezikhungweni zokuvota ukuyobhalisa noma ukuhlola ukuthi amagama abo asavela yini esikhunweni ababebhalise kuzona, bangaya emahhovisi akwa-IEC, noma basebe- nzise ubuchwepheshe besimanje ukuzihlola lapho bezovota khona.

 Ngemuva kokuhlola lesi sikhungo, uHlabisa ube esekhuluma namalungu aleli qembu abeyingxenye yokukhuthaza ukubhalisela ukuvota. Ubonge amalungu aleli qembu, wabongela noSihlalo wesiyingi seTheku, uMnu Mavava Sikhakhane, osanda kukhethwa kulesi sikhundla. 

Uphawule nangezinketho zangaphakathi eqenjini eziqhubekayo. Uthe ugculisekile ngendlela eziqhubeka ngayo.

 “Kunoma yikuphi lapho kukhethwa khona, bakhona abazokhala, bazwakalise ukungagculiseki. Siyazibhekisisa izikhalo esizitholayo, uma sibona kufanele, siyabaphindisa ukukhetha. Uma sibona ukuthi abakhala ngakho akunasisekelo, siyaqhubeka nohlelo,” kusho uHlabisa. 

Phakathi kwezikhungo uHlabisa azihambelile izolo ngeSonto, kubalwa iQoqisizwe Creche, eMagwaveni, oThongathi naseMbelebele High School, esigcemeni sakwa-Q, eMlazi.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...