
UKHUTHAZE ubumbano emaqenjini ezepolitiki uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa, ngesikhathi ehambela izikhungo zokubhalisela ukuvota eThekwini namaphethelo.
UHlabisa obehambisana nabaholi abahlukene baleli qembu, uzwakalisa ukujabula ngalokhu akubonile ezikhungweni azihambelile. Uthe ukhuthazekile ngokubona isibalo sabantu abasha asebekhombisa intshisekelo ekuphathweni kwezwe.
“Kungijabulisile ukubona abantu besifazane nentsha, bengenela ukuba ngamakhansela abanye bemele amaqembu abo ezepolitiki ezikhungweni ezahlukene,” kusho uHlabisa.
UHlabisa ekhuluma neLANGA ubesesikhungweni iSea Cow Lake Secondary, lapho ethole umbiko wokuthi ngoMgqibelo kubhaliswe abavoti abawu-36, kanti izolo ngeSonto ngesikhathi sokufika kwakhe, bese kubhaliswe abawu-31.
Unxuse abantu ukuba baqhubeke nokubhalisela ukuvota, futhi baqinise- kise ukuthi amagama abo ayavela ohlwini lwabazovota ezikhungweni abangaphansi kwazo.
Uthe abangeke bakwazi ukuya ezikhungweni zokuvota ukuyobhalisa noma ukuhlola ukuthi amagama abo asavela yini esikhunweni ababebhalise kuzona, bangaya emahhovisi akwa-IEC, noma basebe- nzise ubuchwepheshe besimanje ukuzihlola lapho bezovota khona.
Ngemuva kokuhlola lesi sikhungo, uHlabisa ube esekhuluma namalungu aleli qembu abeyingxenye yokukhuthaza ukubhalisela ukuvota. Ubonge amalungu aleli qembu, wabongela noSihlalo wesiyingi seTheku, uMnu Mavava Sikhakhane, osanda kukhethwa kulesi sikhundla.
Uphawule nangezinketho zangaphakathi eqenjini eziqhubekayo. Uthe ugculisekile ngendlela eziqhubeka ngayo.
“Kunoma yikuphi lapho kukhethwa khona, bakhona abazokhala, bazwakalise ukungagculiseki. Siyazibhekisisa izikhalo esizitholayo, uma sibona kufanele, siyabaphindisa ukukhetha. Uma sibona ukuthi abakhala ngakho akunasisekelo, siyaqhubeka nohlelo,” kusho uHlabisa.
Phakathi kwezikhungo uHlabisa azihambelile izolo ngeSonto, kubalwa iQoqisizwe Creche, eMagwaveni, oThongathi naseMbelebele High School, esigcemeni sakwa-Q, eMlazi.







