Ilanga News
Home 9 Featured 9 Akasekho emhlabeni uDon Mlangeni

Akasekho emhlabeni uDon Mlangeni

by | 16 April 2025

UQGEMEKE engeqiwa ntwana umkhakha wezokulingisa kuleli kudlula emhlabeni inkakha uDon Mlangeni Nawa.

Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe wumndeni wakhe, uNawa udlule emhlabeni namuhla ngoLwesithathu ekuseni.

Lo mlingisi wazakhela udumo eminyakeni edlule elingisa indawo kaMhlongo emdlalweni iHlala Kwabafileyo. Uke wabonakala nakweminye imidlalo okubalwa kuyona iSgudi Snaysi neSidingo.

Umndeni umchaze njengomuntu obenothando, ehlonipha futhi ebakhathelela abantu abaseduze naye. Umndeni wakwaNawa uthi izinhlelo zenkonzo yesikhumbuzo nomngcwabo zizomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.

Ubonge nemiyalezo yenduduzo elokhu ingena ilakanyana evela kubantu abehlukene ngokudlula emdlabeni kukayise wekhaya.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...