Ilanga News
Home 9 Featured 9 Akasekho emhlabeni uDon Mlangeni

Akasekho emhlabeni uDon Mlangeni

by | 16 April 2025

UQGEMEKE engeqiwa ntwana umkhakha wezokulingisa kuleli kudlula emhlabeni inkakha uDon Mlangeni Nawa.

Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe wumndeni wakhe, uNawa udlule emhlabeni namuhla ngoLwesithathu ekuseni.

Lo mlingisi wazakhela udumo eminyakeni edlule elingisa indawo kaMhlongo emdlalweni iHlala Kwabafileyo. Uke wabonakala nakweminye imidlalo okubalwa kuyona iSgudi Snaysi neSidingo.

Umndeni umchaze njengomuntu obenothando, ehlonipha futhi ebakhathelela abantu abaseduze naye. Umndeni wakwaNawa uthi izinhlelo zenkonzo yesikhumbuzo nomngcwabo zizomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.

Ubonge nemiyalezo yenduduzo elokhu ingena ilakanyana evela kubantu abehlukene ngokudlula emdlabeni kukayise wekhaya.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...