Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 IGagasi FM liphawula ngokuziphatha kukaMinnie koweRHOD

IGagasi FM liphawula ngokuziphatha kukaMinnie koweRHOD

by | 11 July 2025

UMSAKAZO ozinze KwaZulu Natal iGagasi FM usuphumele obala waphawula ngokuziphatha kukaMinnie Ntuli ohlelweni lukamabonakude iReal Housewives of Durban (RHOD) olukhonjiswa esiteshini esingaphanzi kweMultichoice iShowmax.

Ukuziphatha kukaMinnie kulolu hlelo kususe izinkulumo ezinkundleni zokuxhumana abantu bashiya abangalazi ngaye abanye baze baphakamisa nokuthi akhonjwe kulo msakazo.

Kulolu hlelo uMinnie ubonakale exabana nomunye wozakwabo uLondie London nokuqale ngokuqophisana kwamagama ngaphambi kokuthi kuze kudlulele.

UMinnie ube esebonakala esuku eyophusha uLondie esiphongweni ngomunwe.

Eqhubeka nokumusho ngamagama ayisiswana. Kanjalo noLondie nakuba ebehleli phansi esonge izandla ngesikhathi lokhu kwenzeka kodwa ubengathuli njengoba naye ebenamagama awaphimisayo amanye ayinhlamba.

Nakuba uMinnie agcina ngokuziphatha kwakhe kulolu hlelo phambilini kodwa isiqephu sangoLwesihlanu kulolu hlelo sokubuyisana siveze olunye uhlangothi olwabe lungavelanga phambilini.

Esitatimendeni esikhishwe iGagasi linxuse kwehle imimoya njengoba lisabhekana nalesi simo sokuziphatha kwalo msakazi.

Lo msakazo udalule ukuthi awuhambisani nhlobo nobuqhwanga lwanoma iyiphi inhlobo futhi uyakholelwa ekukhuthazeni ukubuyisana.

Okhulumela iGagasi uKhulekani Shandu uthe njengomsakazo bazokweseka uhlelo lokukhuthaza ukuxolelana nokubuyisana.

Uqhube ngokuqinisekisa abalaleli, amakhasimende nabayingxenye yalo msakazo ukuthi lolu daba balusingatha ngendlela ephezulu futhi emqoka.

Ube esecela kwehle imimoya njengoba besabhekana nalolu daba ngendlela ehambisana nesixazululo esinokuthula.

Ezisematheni

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

UMBHISHOBHI Sandile Ndlela, webandla iMethodist Church eNtuzuma, ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe uMkhonto weSizwe Party (MKP) athi uphethe iNational Religious Desk kulona, njengoba esanda kushiselwa umuzi. Uthi njengoba bekunomoya omkhulu izolo ngoMgqibelo,...

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

IKHALE ngokungabi nanembeza nokwedelela ngokudlwengulwa kwesisulu eduze kwethuna likayise, iMantshi uW.J.J Schutte, igweba “umalugaju” waseRichards Bay. Lokhu kwenzeke ngoMsombuluko, ngesikhathi iNkantolo yesiFunda saseRichards Bay, igixabeza lo “malugaju” uSanele...