Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 ‘Akazange anginukubeze uSjava’ -Amanda Black

‘Akazange anginukubeze uSjava’ -Amanda Black

by | 11 March 2025

UPHUMELE obala umculi u-Amanda Black ngamahemuhemu abesabalale enkundleni yezokuxhumana uTwitter (X) athi wanukubezwa ngokocansi nguzakwabo emculweni uSjava.

Embhalweni wakhe uthe lokhu kungamampunge akazi asatshalaliswa ngubani.

Igama likaSjava libe sematheni ngesikhathi kade eyoseka uzakwabo u-Emtee obenomcimbi obuse Emperors Palace, eGoli.

Kuzokhumbuleka ukuthi uSjava akaqali ukuba sezinsolweni ezifuze lezi. Owayeyintombi yakhe futhi ongumculi uLady Zamar wake wamvulela icala lokudlwengula. Kepha ngo-2020 iNational Prosecuting Authority (NPA) yalihoxisa leli cala. Nakuba kunjalo uLady Zamar kwezinye zezingxoxo azenza wathi ukuhoxiswa kwalo kakusho ukuthi akazange adlwengulwe.

Ezisematheni

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

INKATHA Freedom Party (IFP) inxuse abavoti ukuba bayethembe njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi nonyaka. Ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa komhlahlandlela wokhetho, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa uthe zinhlanu...

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

ASABAMBE ongenzansi amalungu omphakathi wakwa-V, ezakhiweni eZimeleni, eMlazi, ngowesilisa okuthiwa ushokhwe wugesi washona belungiselela ukuyolala nentombi entsha, ethi ifike endlini yakhe izomqoma. Umndeni kamufi uMnu Philani Mkhungo (36), uthi usele nemibuzo...

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

UMLINGISI wakumabonakude uMenzi Nxumalo uthi kuningi okusadingeka ukuba kwenzelwe abantu abaphila nokukhubazeka ukuze nabo bazibone beyingxenye yomphakathi. Enhlangnweni ayisungulile engenzinzuzo iNokusa Support for Disabled People uthi ibhekela izidingo iphinde futhi...