Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kusolwa amaphoyisa ngokuhudula izinyawo kwelokudlwengulwa kwengane (3)

Kusolwa amaphoyisa ngokuhudula izinyawo kwelokudlwengulwa kwengane (3)

by | 1 March 2026


UFUNA ubulungiswa umndeni wentombazanyana (3), yaKwaQiko, eMzinto, okusolwa ukuthi idlwe-ngulwe ngumakhelwane ngomhla ka-4 kuNhlolanja (February) no-nyaka okuthiwa uyachanasa, yize udaba lubikiwe emaphoyiseni.
Kubikwa ukuthi ingane iqede ukunukubezwa yanikwa uswidi, kwathiwa ingabikeli muntu ngo-kwenzeke kuyona.
ILANGA likhulume nonina wesisulu (29) (esiligodlile igama lakhe ukusivikela), oveze ukuthi ingane yehlelwe yilo mshophi ngemuva kokuba yayihambe no-mama ongumakhelwane wabo, iyova-kasha emzini wakhe.


Uthi ngemuva kwesi-khathi uthu-mele udadewabo wenga-ne ukuba ayoyilanda kwamakhe-lwane. Uthi bafice ingane ingasakwazi ukuhamba kahle, ihamba igxamalaza.
“Kuthe uma siyihlola esithweni sangasese, sathola ukuthi idlwe-nguliwe. Ngibe sengibuza umama wakwamakhelwane ukuthi kwe-nzekeni kuyona, wangitshela ukuthi uyibhekile, wathola ukuthi iphothukile,” echaza.
Ngemuva kwalesi gameko uthi uyiphuthumise esibhedlela, okuyi-lapho kutholakale khona ukuthi idlwenguliwe, wabe eseyovula icala emaphoyiseni.


Uthi kudlule izinsukwana inga-ne yavakashela uninakhulu ozala oyise, okuyilapho ifike yachaza ko-nke okwenzekile kuyona.
“Ibilokhu isaba ukusichazela isathukile, kodwa kugogo ishilo ukuthi u……..(emgagula ngegama), wayilalisa embhedeni, wayivala umlomo wayidlwengula. Kwaqha-muka unina kamsolwa (umama wakwamakhelwane), wakhuza.
“Iqhubeka, ichaze ukuthi unina kamsolwa wayithatha wayigona, wayilalisa esifubeni, wayipha uswidi nemali, wathi ingasho lu-tho uma ifika ekhaya, yanikwa no-makhalekhukhwini ukuba idlale ngawo,” kuchaza unina wesisulu.
Uthi selokhu kwenzeka lesi si-gameko isimo sibi enganeni, seku-nzima nokudlala nezinye izingane.
“Phezu kobuhlungu ekhala nga-bo esithweni sangasese, iguliswa amaphilisi eyanikwa wona esibhe-dlela, okuphoqayo ukuthi iwaphu-ze. Ngifisa ukuthi kube nobulungi-swa entweni evelele indodakazi yami. Umakhelwane ngagcina ukukhuluma naye ngosuku lwesigameko, akakaze asho lutho kuze kube yimanje,” esho


Uthi oku-mphatha kabi na-kakhulu wukuhudula kwamaphoyisa izinyawo.
“Selokhu ngavula icala, kakukaze kwenziwe lutho. Nomphakathi ususola ukuthi kukhona ukwenze-lela ngoba umalu-mekazi kamso-lwa usebenza esite-shini samaphoyisa,” esho.
Uthi nokuthi sekushintshwe umseshi wecala wakuthola ngoba esesukume waya esiteshini sama-phoyisa saseMzinto, ukuyobuza ngokuqhubekayo ngecala.


“Umthetho kumele udlale indawo yawo, kungathuleki sengathi akwenzekanga lutho enganeni yami,” kubalisa yena.
Okhulumela amaphoyisa eKZN, uLt-Col Paul Magwaza, uthi uphi-ko oluhlanganisa udlame lwase-mndenini, ukuvikelwa kwezingane namacala ezocansi lwasePort She-pstone, luphenya izinsolo zecala lokudlwengulwa kwengane enemi-nyaka ewu 3 – okusolwa ukuthi ya-dlwengulwa ngumsolwa emaziyo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...