Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Ezikamabonakude/umculo 9 Akazisoli ngefilimu emshiye nezikweletu

Akazisoli ngefilimu emshiye nezikweletu

by | 23 August 2026

AKAZISOLI ngegxathu alithathile, elimshiye nezikweletu, umbhali wemidlalo kamabonakude uChris Q Radebe lokuzibhalela, azikhiqizele imidlalo kamabonakude namafilimu akhe ngokuzimela.

UChris osebhalae inqwaba yemidlalo kamabonakude okubalwa kuyo Isibaya, Uzalo, Isifiso, Icala neminye, usematheni kulezi zinsuku ngefilimu yakhe iShut Up Men Are Talking, esanda kuthola ikhaya esiteshini sikamabokude esitholalakala kwiDSTV iMovie Room Channel 113.

Lo mbhali ubenengxoxo ekhethekile neLANGA, lapho ecacise khona ngebanga aselihambile kulo mkhakha wokubhala imidlalo kamabonakude. Uveze ukuthi kuphoqeleke ukuba alisebenzele ngokuphindiwe igama lakhe, ukuze akwazi ukufinyelela ezingeni lapho iziteshi zikamabokude zikwazi ukuthembela kuye, nasemsebenzini wakhe.

Uthe nakuba imidlalo efana neSifiso neCala kungeyakhe, kodwa amalungelo wonke athathwa wuMzansi Magic.

“Isinqumo sokuthi ngenze okungokwami, okuzosingathwa yimina kasibanga lula, ngoba uma uhlanganisa ifilimu noma umdlalo kamabonakude, udinga ibhajethi enkulu. Kodwa ngikwazile ukuthi labo engisebenza nabo sibe nesibindi sokuthi siluqale lolu hambo lokuthi sizenzele konke, ngaphandle kokuthola uxhaso,” kusho uChris.

Uthe ugcine engena ezikweletini ukuze iShut Up Men Are Talking, ibe yimpumelelo, futhi akwazi ukukhokhela zonke izindleko.

“Nakuba ngigcine ngingena ezikweletini, kodwa angizisoli ngoba ngikwazile ukwakha isivumelwano nesiteshi iMovie Room, esesinobudlelwano obuhle bokusebenzisana,” kusho yena.

Uthe lobu budlelwano sebuvulele nengxenye yesibili yale filimu yona ezobizwa ngokuthi, Shut Up Men Are Still Talking. UChris uthi uchitha isikhathi sakhe esiningi ngokulala, ukuze aphumuze ingqondo ngoba isikhathi esiningi ujula ngokumele akubhale.

Uthe ukubhala umdlalo kamabonakude noma ifilimu, akuyona into elula, ngaphambi kokuba aqale ukubhala, kuningi okumele aqale akucabange, ukuze akwazi ukukubhala.

Ezisematheni

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

UVUSELELE isixwayiso sokukopela kubafundi bakamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu eVukuzakhe High School eMlazi, eThekwini, bekuhlangene abazali, othishanhloko bezikole, izinyunyana zothisha nababhekelele ukubhalwa kwezivivinyo kwezemfundo...

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

SIPHEZULU kakhulu emlandweni wakuleli zwe isibalo sabafundi ababhalisele ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni) ngeSonto ethula umbiko ngezinhlelo zikazwelonke...

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...