Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-DA ikhathazwa wubugebengu ngaphandle kwenkundla yezemidlalo

I-DA ikhathazwa wubugebengu ngaphandle kwenkundla yezemidlalo

by | 8 February 2025

General Views during the 2020/21 Promotion Playoff game between Royal AM and Chippa United at Chatsworth Stadium on 22 June 2021 © Steve Haag/BackpagePix

IQEMBU lezepolitiki iDemocratic Alliance eselizwakalise ukukhathazeka ngenkundla yezemidlalo iChatsworth Stadium esiphenduke isizinda sezigebengu kule ndawo.

Ilungu laleli qembu eliphinde libe yikhansela kule ndawo uDanuel Mea uthe le nkundla ebisezinhliziyweni zamalungo omphakathi isiphenduke indawo lapho izigebengu zicanasa kuyona futhi ziqhuba ubugebengu bazo, ikakhulukazi bokuntshontshwa kwezimoto.

Uthe nakuba le nkundla inomlando onzulu futhi idlala indima emqoka emphakathini kodwa ukungabi khona konogada abazoyiqapha kwenza iphenduke isizinda sezigebengu.

UMea uthe beyiqembu sebeke bazenza iziphakamiso kubaphathi bale nkundla ukuba baqinisekisa ukuthi iqashwa ubusuku nemini.

Uthe bazohlale bekulwela ukuphepha kwamalungu omphakathi njengoba bengeke bakuyeke lokhu kungalungisiwe.

Le nkundla ingenye yezinkundla ebuyse isetshenziswe ngamaqembu ebhola likanobhutshuzwayo adlala esigabeni esikhokhelwayo.

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...