
IKHOMISHINI yezokuNcintisana eNingizimu Afrika, inxusa umphakathi ukuthi ubike kuyona izigameko zokwenyuswa kwentengo yezinto ngamanani angenabulungiswa, njengoba kulindeleke ukuba kwenyuke intengo kaphethiloli namuhla phakathi kwamabili.
Nakuba uMnyango wezaMandla nezokuMbiwa ubungakawamemezeli amanani asemthethweni ezonyuka ngayo imikhiqizo kawoyela, ongoti bebeqagula ukuthi uphethiloli unganyuka ngo-R5 elitheni, kuthi udizili wenyuke ngo-R10.
Imbangela enkulu yalokhu wukwenyuka kwente-ngo kawoyela emhlabeni, ngenxa yempi ephakathi kwe-Israel (esebenzisana neMelika) etholene phezulu ne-Iran, okuyizwe elingabakhiqizi abakhulu bakawoyela emhlabeni.
Ikhomishini ithi ikhathazekile ngokuthi amanye amabhizinisi angasebenzisa leli thuba ukwenza inzuzo engaphezulu kuna le abengayenza. Lokhu kubandakanya izindleko zikaphethiloli, ukudla, ezokuthutha njalo njalo.
“Amabhizinisi anyusa intengo lungakashayi usuku olubekiwe lokwenyuka kwentengo kaphethiloli (okuwuLwesithathu), nalawo anyusa intengo ngendlela exhaphaza abathengi, azoshushiswa. Yinto efanayo nakulabo abazoqhubeka nentengo ephezulu, ngisho sekumenyezelwe ukwehla kwentengo kaphethiloli, uma kwenzeka ezinyangeni ezizayo,” kusho uMnu Siyabulela Makunga, okhulumela iKhomishini yezokuNcintisana.
Kwenzeka lokhu nje, iSouth African National Taxi Council (Santaco), ithi abagibeli mabalindele ukwenyuka kwemali yokugibela amatekisi kule nyanga ezoqala.







