Ilanga News
Home 9 Featured 9 UNdlunkulu uMaMchiza ugqugquzela inhlonipho ematshitshini

UNdlunkulu uMaMchiza ugqugquzela inhlonipho ematshitshini

by | 14 October 2025

NGAMATSHITSHI abethweswa iziqu zokuziphatha kahle.

UNDLUNKULU uNompumelelo Zulu, uMaMchiza, weSilo esesabuza uMdlokombane, ugqugquzele izintombi nto ukuzithanda, futhi zizihloniphe emcimbini wazo wokwethweswa amajazi, obungoMgqibelo Kwabonguzulu, eHammarsdale.

Kulo mcimbi bekukhuthazwa amatshitshi aneminyaka esuka ku-21 kuya phezulu ukuqhubeka nokuzigcina, agqokiswa amajazi, ukukhombisa ukuthi asazombatha angaphezu kwawo empilweni.

“Ubuntombi buhle, futhi benza umuntu ahlonipheke, benza intombi ibonakale phakathi kwamantombazane. Intombi iyahaleleka ngoba konke okwayo kuhle,” kuchaza uNdlunkulu uMaMchiza.

Ukhulume nangokubaluleka kokuhlonipha abazali.

“Izingane zethu kazinakho ukuthula ngoba zilahla umthetho wethu. Zazi izinto okumele ngabe zaziwa ngonina kuphela – yikho omama behluleka ukuhlala nazo ngoba zigcina zivusa umhlwenga. Bantabethu, yanelisekani ukuze nibe nokuthula,” esho.

Uthe nakuba uMkhosi woMhla nga ungasekho eNyokeni, kepha izandla basazivulile ematshitshini uma efuna ukuvakasha.
Uzimeme emcimbini womemulo ozobe wenzelwe izinyane likaMdlokombane.

UNkz Thobile Mthembu ekhulumela amatshitshi, uthe: “Uhambo lobuntombi kalulula, kodwa luyahambeka. Kunezinhlamba eziningi, kodwa ningalilahli ithemba. Fundani, nizithande nina kuqala. Anihlolelwa ukuthi nizoshada nonke, abanye bayofundisa isizwe, futhi bavuse namakhaya.”

Unomehlo uGZ Mdlalose, ubonge abazali, inhlonipho yamatshitshi neNdlunkulu kaZulu ngokubavulela amasango ukuba bahlolele izintombi nto esigodlweni sayo. Uphakamise ukuba amatshitshi afunde futhi azimele.

“Kasimfuni umntwana ozohudula izingane eziyinqwaba. Amatshitshi siwafisela ukuthi angadonsi elobuntombi kuphela ijazi, kepha mawathwale nawemfundo,” ephetha.

.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...