Ilanga News
Home 9 Featured 9 UNdlunkulu uMaMchiza ugqugquzela inhlonipho ematshitshini

UNdlunkulu uMaMchiza ugqugquzela inhlonipho ematshitshini

by | 14 October 2025

NGAMATSHITSHI abethweswa iziqu zokuziphatha kahle.

UNDLUNKULU uNompumelelo Zulu, uMaMchiza, weSilo esesabuza uMdlokombane, ugqugquzele izintombi nto ukuzithanda, futhi zizihloniphe emcimbini wazo wokwethweswa amajazi, obungoMgqibelo Kwabonguzulu, eHammarsdale.

Kulo mcimbi bekukhuthazwa amatshitshi aneminyaka esuka ku-21 kuya phezulu ukuqhubeka nokuzigcina, agqokiswa amajazi, ukukhombisa ukuthi asazombatha angaphezu kwawo empilweni.

“Ubuntombi buhle, futhi benza umuntu ahlonipheke, benza intombi ibonakale phakathi kwamantombazane. Intombi iyahaleleka ngoba konke okwayo kuhle,” kuchaza uNdlunkulu uMaMchiza.

Ukhulume nangokubaluleka kokuhlonipha abazali.

“Izingane zethu kazinakho ukuthula ngoba zilahla umthetho wethu. Zazi izinto okumele ngabe zaziwa ngonina kuphela – yikho omama behluleka ukuhlala nazo ngoba zigcina zivusa umhlwenga. Bantabethu, yanelisekani ukuze nibe nokuthula,” esho.

Uthe nakuba uMkhosi woMhla nga ungasekho eNyokeni, kepha izandla basazivulile ematshitshini uma efuna ukuvakasha.
Uzimeme emcimbini womemulo ozobe wenzelwe izinyane likaMdlokombane.

UNkz Thobile Mthembu ekhulumela amatshitshi, uthe: “Uhambo lobuntombi kalulula, kodwa luyahambeka. Kunezinhlamba eziningi, kodwa ningalilahli ithemba. Fundani, nizithande nina kuqala. Anihlolelwa ukuthi nizoshada nonke, abanye bayofundisa isizwe, futhi bavuse namakhaya.”

Unomehlo uGZ Mdlalose, ubonge abazali, inhlonipho yamatshitshi neNdlunkulu kaZulu ngokubavulela amasango ukuba bahlolele izintombi nto esigodlweni sayo. Uphakamise ukuba amatshitshi afunde futhi azimele.

“Kasimfuni umntwana ozohudula izingane eziyinqwaba. Amatshitshi siwafisela ukuthi angadonsi elobuntombi kuphela ijazi, kepha mawathwale nawemfundo,” ephetha.

.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...