Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuzokhunjulwa iqhawe lomzabalazo uNokuhamba Nyawo

Kuzokhunjulwa iqhawe lomzabalazo uNokuhamba Nyawo

by | 14 August 2025

YIQHAWE lomzabalazo uNkk Nokuhamba Nyawo okuzokwembulwa itshe lesikhumbuzo sakhe ngoMgqibelo eNgwavuma.


IZOSINGATHWA yibandla lamaRoma ngaphansi kwesiFunda uMkhanyakude inkonzo yokwembulwa kwetshe lesishoshovu somzabalazo wenkululeko uNkk Nokuhamba Nyawo, okuqanjwe ngaye isifunda se-ANC (uMkhanyakude).

Inkonzo izobanjelwa endlini yebandla lamaRoma ngezithuba zasekuseni ngoMgqibelo eNgwavuma okuyilapho azalwa wakhulela khona. Ngezithuba zasemini kuzoba nomkhulu umcimbi ozobe ubanjelwe enkundleni yezemidlalo okuyilapho khona kulindeleke ukuthi abaholi be-ANC KwaZulu-Natal nakuzwelonke bethule izinkulumo.

UNokuhamba Nyawo wazalwa mhla lulunye kuMasingana ngo-1920. Wedlula emhlabeni ngomhla ka-05 kuNdasa (March) 2012. Wayegane umfowabo kaMnu Jimson “Ngoloyi” Mngomezulu ongomunye wabantu elingasali ngaphandle igama labo uma kukhulunywa ngamasosha oMkhonto weSizwe.

Utuswa ngeqhaza lakhe lokusiza amasosha ngokudla nangezinye izidingo ezibalulekile uma esuka ezindaweni ezahlukene, ngoba efuna ukudlula eyongena kwamanye amazwe okubalwa kuwona iSwazini neMozambique.

Ekhuluma egameni lomndeni uMnu Ndumiso Nyawo, uthe: “Siwumndeni wakwaNyawo siyemukele ngezandla ezimhlophe inkonzo yokwembulwa kwetshe likagogo ngoba lokho kuzokwenza nokuthi abantu, ikakhulukazi abalapha eNgwavuma, baqhubeke nokwazi ngegama likagogo.”

UMnu Thokozani Ngema ongumgqugquzeli we-ANC eMkhanyakude uthe balindele abantu abangephezulu kwezinkulungwane ezimbili kule nkonzo.

“Iqhaza likamama Nokuhamba Nyawo liyaziwa. Baningi abantu abasebenza naye kuliwa nohulumeni wobandlululo. Sizobe sikhona esontweni kodwa inkonzo izobe isingethwe yibandla lamaRoma. Umama wayeyilungu laleli bandla. Ukwembulwa kwetshe lakhe kuhambisana nokubungazwa kwenyanga yabantu besifazane,” kusho uNgema.

Ezisematheni

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ucacise ngokungaklonyeliswa koMkhuzi wamaPhoyisa waKwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, emcimbini wokuklomelisa izisebenzi zikahulumeni, iminyango, omasipala baseKZN, izinhlangano ezingayenzi inzuzo nosomabhizinisi...

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

LIZOVULWA ngomhla ka-1 no-2 wenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwezi (November). Lokhu kuqinisekiswe yinhlangano eyengamele ezokhetho kuleli, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), ngempelasonto. Kuzokhumbuleka...

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

UMNDENI unxusa umphakathi nabezindaba ukuba bayeke ukusabalalisa izinsolo nemibiko engaqinisekisiwe ngokudlula emhlabeni kukaDkt Ntuthuko Mahlaba (osesithombeni), okuvela ukuthi ushayiswe yimoto ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi ezivaocavoca. Isitatimende somndeni...