Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Akucaci ngobudlelwano beSABC namaCrown Gospel Awards

Akucaci ngobudlelwano beSABC namaCrown Gospel Awards

by | 24 October 2025

KAKUCACI ngobudlelwano beSABC nomcimbi iCrown Gospel Music Awards, osekumenyezelwe ukuthi ukhuza ibuya eThekwini ngomhla ka-23 kuLwezi (November).

Lo mcimbi wokuklomelisa abasemkhakheni weGospel, ube sematheni nyakenye ngemuva kokudlula emhlabeni komsunguli wawo, uNkk Zanele LaMbokazi Nkambule (osesithombeni). Uzokwenzeka okwesibili engasekho uZanele.

Njengoba ukhuza ibuya eThekwini nje, bese kuneminyaka emibili wenzelwa eGoli. Emngcwabeni kaZanele, uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, wathi kungakuhle ukuba lo mcimbi ubuyele kulesi sifundazwe, njengoba siyikhaya lawo. Uzobe usuwenzeka okuka-18 kulo nyaka.

Ngokwesitatimende esikhishwe ngabahleli balo mcimbi, ngasekupheleni kwale nyanga kulindeleke ukuba kumenyezelwe abaqokiwe. Ngokwalesi sitatimende, senyukile isibalo sabakhombise intshisekelo yokungenela ngenhloso yokuqokwa, njengoba kuthiwa ibalelwa ku-890 imingenelo ethunyelwe kulo nyaka.

Kuvele ukuthi lesi sibalo singaphezulu kunaseminyakeni edlule. ILANGA lithole ukuthi lo mcimbi ukhuza ibuya nje, kakucaci ngobudlelwano bawo neSABC, njengoba kusukela waqala ibihlale iyingxenye yawo. Leli phephandaba lithole ngemithombo yalo ukuthi abahleli basazama ukuhlela izinto ukuthi le nhlangano iqhubeke nokuba ngabaxhasi bokuqina bawo.

Kuzokhumbuleka ukuthi lo mcimbi ubuhlale ukhonjiswa kwiSABC, futhi nezikhangiso zawo zimenyezelwa eziteshini ezingaphansi kwayo.

“Kasikayitholi impendulo egcwele okwamanje ukuthi bazosixhasa noma ngeke. Sibambe umoya ngoba kuyona yonke le minyaka besinobudlelwano obuhle neSABC,” kusho umthombo osondelene nalo mcimbi.

Okhulumela lo mcimbi, uMfu Sithembiso Mtshali, utshele leli phephandaba ukuthi bazocacisa maduzane ngobudlelwabo neSABC. Uthe basaxoxisana nale nhlangano asebebenobudelwano obuhle nayo iminyaka ewu-16. I-SABC kuze kwashaya isikhathi sokuloba ingakaphenduli.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...