Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Akukacaci ngekhaya loweCrown Gospel Awards

Akukacaci ngekhaya loweCrown Gospel Awards

by | 15 August 2025

NGUZANELE LaMbokazi Nkabule (ongasekho) ongumsunguli wamaCrown Gospel Awards.


AKUKACACI ngesifundazwe esizosingatha umcimbi waminyaka yonke wokuklomelisa abasemkhakheni womculo we-gospel, obizwa ngeCrown Gospel Awards, nakuba selukhishiwe usuku lwangomhla ka-23 kuLwezi (November), okubhekwe ukuthi lo mcimbi wenzeke ngalo.

ILANGA lithole ukuthi abahleli balo mcimbi sebeqalile ukwenza amalungiselelo omcimbi walo nyaka, kodwa kusemnyama ebusweni benkawu ngabaxhasi, nangesifundazwe esizosingatha lo mcimbi.

Kuuzobe sekungokwesibili lo mcimbi wenzeka ngaphandle komsunguli wawo, uNkk Zanele LaMbokazi Nkambule odlule emhlabeni ngoNcwaba (August) nyakenye. Ugcine uqhubekile, wenzeka ngoLwezi nyakenye, njengoba ubuhlelwe ngaphansi kwesiqubulo sokumkhumbula nokugcina umlando wakhe kulo mkhakha womculo wezenkolo.

Ethintwa uNkz Nonjabulo Mdluli, ongumqondisi walo mcimbi, uthe seziqalile izinhlelo zomcimbi walo nyaka. Kuningi abaphezu kwakho njengoba maduze bezovula iwindi lokuthi abaculi bathumele izingoma noma ama-albhamu abo ngenhloso yokuthi baqokwe kulo mcimbi.

“Kuyasithokozisa ukuthi sesilukhiphile usuku lomcimbi omkhulu, okusho khona ukuthi sisaqhubeka nokulinyusa izinga nakulo nyaka,” esho.

Uthi bayayithokozela intshisekelo esaqhutshekwa ikhonjiswa ngabaculi ngokungenela lo mcimbi.

“Maduze sizokhipha isitatimende esizocacisa ngokuvulwa kwewindi lokungenela.Sizophinde sisebenzise izinkundla zethu zokuxhumana, ukwazisa ngazo zonke izinhlelo esizoba nazo kuya phambili,” kusho uNonjabulo.

Uchaze isizathu sokungasheshi ukumemezela njengesokuzinika
isikhathi sokuhlela kahle, futhi baxhumane nazo zonke izinhlaka abasebenzisana nazo, nalezo abazimisele ukuzisondeza njengabaxhasi balo mcimbi.

“Konke lokhu ebesikwenza, kuyingxenye yamalungiselelo omcimbi omkhulu esizimisele ukuwenza ngokuseqophelweni eliphezulu,” esho.

UNonjabulo uthe okwamanje abakabi sesimweni sokugagula idolobha noma isifundazwe esizosingatha lo mcimbi.

“Sihlela ukuba sibe nesimemezelo esikhulu kungekudala,” esho.

Akazange acacise ngokuqhubeka nokusebenzisana neSABC kulo nyaka, njengoba selokhu wasungulwa lo mcimbi, le nhlangano yezokusakaza ibilokhu iyingxenye yawo.

“Sisazobamemezela abaxhasi esizoba nabo kulo nyaka, kodwa ubudlelwano bethu neSABC buhle kakhulu njengoba sivamise ukuba nesivumelwano seminyaka emithathu esinegunya lokusivuselela,” esho.

Kuzokhumbuleka ukuthi lo mcimbi ozokube wenzeka okwesi-18 kulo nyaka, uzakhele udumo ngokuhlelwa eThekwini, iminyaka ewu-15 njengoba kule minyaka emibili eyedlule, ugcine usuhlelwa eGoli.

Enkonzweni yokuvalelisa uNkk Zanele LaMbokazi, uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, waveza ukuthi kungakuhle lo mcimbi ubuyele kulesi sifundazwe ngenhloso yokumhlonipha, njengoba engumsinsi wokuzimilela kusona.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...