Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Indida ngodokotela ‘ozinqume uqhoqhoqho’ waphangalala

Indida ngodokotela ‘ozinqume uqhoqhoqho’ waphangalala

by | 26 February 2025

ISEYINDIDA ekadokotela waKwaNongoma obesebenza KwaHlabisa, uDkt Banele Lethukuthula Mbhele, okubikwa ukuthi uzigwaze ngebhodlela ephindelela emqaleni wanqamuka uqhoqhoqho, watholakala eseshonile.

Ngokuthola kweLANGA ngemithombo yalo, kuthiwa lo dokotela nomunye ongumngani wakhe osebenzela KwaNongoma, bavakashele umngani wabo onendawo yokuqopha umculo eSikhawini.

Kuthiwa kuhlaliwe kwaba mnandi kuphuzwa neziphuzo ezahlukene, kukhona nabanye abebeqopha umculo wabo. Imithombo ithi uMbhele uke wazama aiziqutshana ukuzibulala ngesikhathi esahleli nabangani bakhe, bamkhuza.

“Kuqhutshekiwe kwahlalwa, kwaqoshwa njengoba ebenesingili abelungiselela ukuyikhipha. “UMbhele uphume njengomuntu oyochama, abangani bakhe banganaka. Kuthe uma kuphela isikhathi engabuyi, baphuma beyombheka okuyilapho etholakale khona esezilimazile,” kusho umthombo.

ILANGA lithole ukuthi uMbhele ubaziwa ukuthi uyazifela ngomculo. Kuvela ukuthi uzibulala nje, kunomfowabo odlule emhlabeni ngokuzibulala ngoLwezi (November) wonyaka owedlule.

Iphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, likuqinisekisile ukuthi lesi sigameko senzekile, lathi abebehleli naye udokotela bathi bamkhuze izikhawu eziningi ezama ukuzibulala.

“Noma kungaqondakali ukuthi yini ebimxakile, kodwa abebehleli naye bathi bamkhuze kaningana elokhu esabisa ngokuthi uzozibulala.

“Bathi kabanakanga ngesikhathi ephuma ethi uyochama ukuthi useyozibulala. Ibhodlela elifile okusolwa ukuthi ulisebenzisile, litholakale endaweni yesigameko linegazi,” kusho iphoyisa.

Lithe abangani bakhe bambhekile egcekeni bangamthola, okuthe uma bephumela emgwaqweni, bebuza ebantwini ngaye, bemchaza, bayalelwa ukuthi umuntu ofana naye ubonakale ezigwaza, kodwa akaziwa ukuthi uphelele kuphi.

“Baqhubekile nokuyombheka la bekuthiwa ushone ngakhona, bamfica elele phansi, edindilizile eseshonile,” kusho umthombo.

Uthi utholwe egwazekile wanqumeka uqhoqhoqho, izimpahla zakhe zibomvu yigazi. Nakuba kunabathi bambonile ezigwaza, kodwa amaphoyisa athi asaphenya ukuqinisekisa lokho, nokuthi kabekho yini abanye ababe nesandla ekubulaweni kwakhe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshuinda, kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engayiphendulile imibuzo athunyelelwe yona.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...