Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Kuboshelwe abanohlonze koweZulu Kingdom Choir ePlayhouse

Kuboshelwe abanohlonze koweZulu Kingdom Choir ePlayhouse

by | 9 April 2026

UTHEMBISA ulozolo lomcimbi ozobe uhlanganisa izintandokazi zabaculi umhleli womcimbi obizwa ngeSongs And Hymns ozobanjelwa eThe Playhouse eThekwini ngoMgqibelo mhla ka-11 kwephezulu.

Lo mcimbi okhuza ibuya okwesine kulo nyaka uxhaswe iSiphiwe Bulose Foundation eholwa nguSiphiwe Bulose onguSihlalo wayo.

UBulose ophinde abe nguSihlalo weThe Zulu Kingdom Choir uthe kulo nyaka lo mcimbi uzobe ukwelinye izinga njengoba nohlu lwabaculi lusezingeni eliphezulu kakhulu.

Uchaze lo mcimbi njengohlukile kwazise uqukethe izinto ezahlukene kanti nohlobo lomculo oluzotholakala luhlukile kakhulu.

Uthe abantu bazobhema bakholwe ngeZulu Kingdom Choir njengoba iyikhwaya ehlanganisa abantu abasha abaqhamuka ezinkalweni ezahlukene nezwe.

Uqhube ngokuthi le khwaya icula umculo wamakhwaya futhi nalezo zezenkolo.

Udalule ukuthi ngesikhathi beyiqala le khwaya basungula inhlangano engenzi inzuzo ngenhloso yokusiza umphakathi ngezindlela ezahlukene.

“Njengoba sasungula inhlangano engenzi inzuzo silandela yonke imigudu efanele ehambisana noMnyango wezokuThuthukiswa komphakathi. Sihlela imicimbi ngenhloso yokuqoqa inkence ukuze sikwazi ukuthi silekelele lapho singakwazi khona,” kusho uBulose.

Uthe abantu bazokwazi ukuzwa izingoma zale khwaya lapho izobe ibambisene nenkakha uBenjamin Dube ongomunye wabaculi ababoshelwe kulo mcimbi.

Uthe ngaphandle komculo abantu bazophinde bathole nezwi leNkosi kubefundisi abahlukene kanti kuzophinde kukhulekelwe nezinye izihlava ezihlasele izwe okubalwa nalo udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane kanjalo nezingozi.

UBulose uthe ingqikithi yomcimbi wangoMgqibelo izobe ihambisana nonombolo 7 okuyinombolo emqoka kakhulu.

Unxuse abantu ukuba bawathenge amathikithi ukuze bangaphuthelwa yilo mcimbi ozobe ungajwayelekile.

Uthe abanye abaculi abazobe beboshelwe kulo mcimbi kubalwa Dr Tumi, Lebo Sekgobela, Nothando Hlophe, Ayanda Ntanzi, Nozipho Phiri noSindi Ntombela. UMfu Mhlanzi noSimunye Church Boy bazobe bengabaphathi bohlelo.

Amathikithi alo mcimbi ayatholakala eWebtickets, Pick n Pay nakwaBoxer kusukela kuR300 ajwayelekile kuya kuR400 awezicukuthwane noR600 awezitatanyiswa.

UBulose unxuse abazohambela lo mcimbi ukuba bafike ngesikhathi njengoba beyikhwaya esihloniphayo isikhathi futhi konke kubhekwe ukuthi kuhambe ngohlelo.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...