Ilanga News
Home 9 Featured 9 Inkantolo yaseMalawi ilahle uBushiri kolokubuyiselwa kuleli

Inkantolo yaseMalawi ilahle uBushiri kolokubuyiselwa kuleli

by | 13 March 2025

INKANTOLO enkulu yaseMalawi isinqume ukuthi babuyiselwe eNingizimu Afrika “umphrofethi” uShepherd Bushiri nenkosikazi yakhe uMarry, ukuzobhekana namacala abo.

Ngo-2020, uBushiri nowakwakhe beqa kuleli ngemuva kokudedelwa ngebheyili ka-R200 000 umuntu emunye. Babhekene noxhaxha lwamacala okubalwa kuwona awokudlwengula, ukwephula imithetho yebheyili, ukwephula imithetho elawula ukungena kwabantu keli, neminye.

Ngemuva kokweqa kwabo, iNingizimu Afrika yathumela isicelo enkantolo yaseMalawi ukuba babuyiselwe kuleli ukuzobhekana namacala abo, ngemuva kokusabalala kwezithombe zabo sebebuyele ezweini labo.

NGU-SHEPHERD noMarry Bushiri.

Inkantolo yaseLilongwe, eMalawi, inqume ukuthi ubufakazi obulethwe yiNingizimu Afrika banele ukuba ivume ukuthi laba ababili babuyiselwe kuleli.

UBushiri uzakhele igama kuleli “ngezimangaliso” abezenza egameni lesonto, okumenze waba nenqwaba yabalandeli.

Iningizim Afrika ithi uma uBushiri nowakwakhe befaka isicelo sokuchitha isinqumo senkantolo, nayo izofaka amaphepha okuphikisa lezi zithandani.

Ezisematheni

Uyalelwe ukuthi aphumule uZuma ekhishwa esibhedlela

Uyalelwe ukuthi aphumule uZuma ekhishwa esibhedlela

NGEMUVA kwesonto lonke, elaliswe esibhdlela iSt Anne's, ePietermaritzburg, uMengameli weMK Party, nowakewaba nguMengameli wezwe, uMnu Jacob Zuma, ugcine ekhishiwe esibhedlela. Ukhishwe ngoLwesibili, ekuseni, kanti kuthiwe akayophumula emzini wakhe KwaDakwadunuse,...

Umisiwe umfundisi osolwa ngokudlwengula umfana ona-16

Umisiwe umfundisi osolwa ngokudlwengula umfana ona-16

UMISIWE emisebenzini yebandla omunye wabefundisi abanesikhundla esiphezulu eMethodist Church of Southern Africa, eyaziwa ngamaWeseli, ngemuva kokuboshwa, esolwa ngokudlwengulela endlini yesonto umfana (16) ahlangane naye enkundleni yabathungatha uthando (dating app)....