Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Umphezulu ubulale izinkomo eziwu-8

Umphezulu ubulale izinkomo eziwu-8

by | 12 June 2025


SISHIYE kukhalwa ezindaweni ezahlukene isiphepho esihambisana nokuduma kwezulu KwaZulu-Natal.

Umoya onamandla oqale ukuhlasela ezindaweni eziseningizimu yesifundazwe, ucekele phansi izakhiwo ezahlukene, okubalwa imizi nezakhiwo zikahulumeni. Ukuhlasela kwesimo sezulu kwenze kwaphazamiseka ukuhamba kwezimoto emgwaqweni owuthelawayeka uN2, ngaseKokstad,ngemuva kokuba kukhithike iqhwa, eliholele ekutheni kuvaleke umgwaqo.

Akugcinanga lapho njengoba kuvele ukuthi bawu-49 abantu okubikwe ukuthi bashonile e-Eastern Cape.

Esinye isigameko esishiye abantu abaningi bebambe ongenzansi ngesokufa kwezinkomo eziwu-8, ezishaywe wumphezulu esibayeni sikaMnu Mbuso Gumede, waseMakhanisi, eNdumo, eJozini ngaphansi kwesifunda uMkhanyakude. Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke ngezithuba zakusihlwa ngoMsombuluko.

Echaza ngokumehlele uGumede uthe, ufe olwembiza evuka ekuseni ngoLwesibili ebona izinkomo zakhe zidindilize esibayeni.

“Ngilimele kakhulu ngokufa kwalezi zinkomo. Ngaqala ukuzifuya emuva kokuba ngiphelelwe yitoho lapho engangibambe khona. Ngikhulisa ngifundise izingane zami ngazo izinkomo. Beziwu-8 ngaphakathi esibayeni,” kusho uGumede.

Ikhansela lendawo uMnu Zama Ndlovu, lithe akusona esokuqala lesi sigameko ukwenzeka kule ndawo.

“Kubukeka sengathi ziyanda izigameko zalolu hlobo lapho khona umphezulu udlalela ezibayeni zabanumzane. Lokhu kuyinselelo okufanele ibhekane nathi njengohulumeni wasemakhaya, yokuba sandise isibalo sokufakwa kwabafana bezulu ukuze kuqinisekiswe ukuphepha kwemfuyo yomphakathi, nabo nje abantu endaweni,” kuchaza uNdlovu.

Iminyango emibili kahulumeni KwaZulu-Natal, okungowezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu oholwa nguMfu Thulasizwe Buthelezi, nowezokuThutha nezokuHlaliswa kwaBantu oholwa nguMnu Siboniso Duma, isabalalise amathimba ezisebenzi zayo abambisene nezisebenzi zomasipala ezindaweni ezahlukene ukwelekelela abakhahlamezekile.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...