Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Umphezulu ubulale izinkomo eziwu-8

Umphezulu ubulale izinkomo eziwu-8

by | 12 June 2025


SISHIYE kukhalwa ezindaweni ezahlukene isiphepho esihambisana nokuduma kwezulu KwaZulu-Natal.

Umoya onamandla oqale ukuhlasela ezindaweni eziseningizimu yesifundazwe, ucekele phansi izakhiwo ezahlukene, okubalwa imizi nezakhiwo zikahulumeni. Ukuhlasela kwesimo sezulu kwenze kwaphazamiseka ukuhamba kwezimoto emgwaqweni owuthelawayeka uN2, ngaseKokstad,ngemuva kokuba kukhithike iqhwa, eliholele ekutheni kuvaleke umgwaqo.

Akugcinanga lapho njengoba kuvele ukuthi bawu-49 abantu okubikwe ukuthi bashonile e-Eastern Cape.

Esinye isigameko esishiye abantu abaningi bebambe ongenzansi ngesokufa kwezinkomo eziwu-8, ezishaywe wumphezulu esibayeni sikaMnu Mbuso Gumede, waseMakhanisi, eNdumo, eJozini ngaphansi kwesifunda uMkhanyakude. Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke ngezithuba zakusihlwa ngoMsombuluko.

Echaza ngokumehlele uGumede uthe, ufe olwembiza evuka ekuseni ngoLwesibili ebona izinkomo zakhe zidindilize esibayeni.

“Ngilimele kakhulu ngokufa kwalezi zinkomo. Ngaqala ukuzifuya emuva kokuba ngiphelelwe yitoho lapho engangibambe khona. Ngikhulisa ngifundise izingane zami ngazo izinkomo. Beziwu-8 ngaphakathi esibayeni,” kusho uGumede.

Ikhansela lendawo uMnu Zama Ndlovu, lithe akusona esokuqala lesi sigameko ukwenzeka kule ndawo.

“Kubukeka sengathi ziyanda izigameko zalolu hlobo lapho khona umphezulu udlalela ezibayeni zabanumzane. Lokhu kuyinselelo okufanele ibhekane nathi njengohulumeni wasemakhaya, yokuba sandise isibalo sokufakwa kwabafana bezulu ukuze kuqinisekiswe ukuphepha kwemfuyo yomphakathi, nabo nje abantu endaweni,” kuchaza uNdlovu.

Iminyango emibili kahulumeni KwaZulu-Natal, okungowezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu oholwa nguMfu Thulasizwe Buthelezi, nowezokuThutha nezokuHlaliswa kwaBantu oholwa nguMnu Siboniso Duma, isabalalise amathimba ezisebenzi zayo abambisene nezisebenzi zomasipala ezindaweni ezahlukene ukwelekelela abakhahlamezekile.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...