Ilanga News
Home 9 Featured 9 Owayengungqongqoshe ubike ukugula kwaguqa ukuthethwa kwecala

Owayengungqongqoshe ubike ukugula kwaguqa ukuthethwa kwecala

by | 10 September 2026

KUPHOQE ukuba liguqiswe izolo ngoLwesithathu icala likaNkk Nosiviwe Maphisa-Nqakula (osesithombeni), owayengusomlomo wePhalamende, eNkantolo eNkulu yasePretoria, ekhala ngokugula, wacela ukuyobonana nodokotela.

UNkk Maphisa-Nqakula ubhekene namacala awu-12 enkohlakalo, nokukhwabanisa. Yena uthi umsulwa; ubhecwa ngobubende inyama engayidlanga. Kuthiwa uNkk Maphisa-Nqakula wayefuna ukugwazelwa ngabantu ababenezinkampani ezithola imisebenzi emnyangweni wakhe, ngesikhathi esengungqongqoshe wezokuvikela.

Omunye wabo nguNkk Nombasa Ntshondwa-Ndlovu, osengufakazi wenkantolo, kanti wayesondelene noNkk Maphisa-Nqakula. Wayenezinkampani ezazithola amathenda emnyangweni.

Uthi uNkk Maphisa-Nqakula wayefuna amgwazele ngo-R4,5 million, ngoba kwakukhona ithenda ayithola emnyangweni wakhe, owaba nesandla ukutheni ayithole. Uthi wayesebenzisa amagama “impepho” noma “indumba uma emthumelela imiqhafazo efuna imali yomgwazo.

UNkk Maphisa-Nqakula uvumile ukuthi zikhona izinto ufakazi ayemupha zona, njenge-wig, kodwa akaze amfune imali noma amnike yona. Ebuzwa ngokulungiswa komuzi wakhe oseGauteng, uthe wawulungisa ngemali yakhe, eqashe omakhi abadabuka eZimbabwe, ngoba yibona abawazi kangcono lo msebenzi.

Ummeli wakhe, uMnu Cronje Kriel, ukhale ngokuthi ikilayenti lakhe likhathele, wacela ukuba kuguqiswe ukuthethwa kwecala. UNkk Mapisa-Nqakula ucele ukuyobonana nodokotela ngoba ethi usenenkinga yokuphefumula.

Phakathi kwabantu abebekhona enkantolo, ngumyeni wakhe obeyinxusa, uMnu Charles Nqakula. UNkk Maphisa-Nqakula, wayefuna ukuqulwa kwecala lakhe kungavezwa komabonakude, kodwa inkantolo yamchitha. Uzobuyela enkantolo namuhla ngoLwesine.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...