Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ishaqise abaningi eyokungaziwa komkaKhuzani

Ishaqise abaningi eyokungaziwa komkaKhuzani

by | 17 December 2025

ISHAQISE izihambeli zomshado omhlophe womculi kamaskandi eyokungaziwa komkakhe nasemphakathini wangakubo lapho ezalwa khona, okuyinto edalulwe ngesikhathi bebopha ifindo ngoLwesine eThe Zunguness, eHowick.

Umndeni wakwaMthenjwa utshele umphakathi ukuthi uNkk Nonduduzo Mpungose, uKaMathenjwa, obeshada noKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose, amanye amalungu omphakathi angakubo eManyiseni, eNgwavuma, abengamazi ngamehlo enyama, abeqala ngqa ukumbona ngosuku abeshada ngalo. Uyise kaNonduduzo, uveze ukuthi indodakazi yakhe ingumuntu ozifihlayo, kayilona uvanzi.

“Njengoba eshada nje, abanye endaweni yangakithi kabamazi sidalo,” esho.

ILANGA lithole ukuthi uNonduduzo ukhulele esikoleni samantombazane KwaDlangezwa, eMpangeni. Kuthiwa kubo ubefika kodwa engabonakali. Kuthiwa imfundo ephakeme uyenze e-University of Zululand, enza iziqu ze-Environmental Studies.

Uyise uthe indodakazi yakhe ingumuntu okhonze imfundo, wathi emndenini wakwaMathenjwa kuyafundwa. Uthe njengamanje ineziqu zeHonours, isibhalisele isigaba esilandelayo iMaster’s kuwona lo mkhakha. Kuthiwa uNkk Mpungose usebenza eMnyangweni weziSebenzi zoMphakathi neNgqalasizinda (Public Works) esifundazweni. Ngakolunye uhlangothi, uKhuzani uthe ukuzifihla komkakhe, kuyimfundiso yakwaMathenjwa.

“Ezinkundleni zokuxhumana iFacebook, iTwitter, i-Instagram neTikTok – akekho kuzona uKaMathenjwa. Kakusimina owamyekisa, kwaba yimfundiso yakubo. Okusho ukuthi abazali bakhe babemqeqeshela sona lesi sikhathi. Ngamanye amazwi ngiqonde ukuthi umuntu engimtholile, nguyena impela engangimfuna,” kusho uKhuzani.

Abangani bakaNonduduzo nabo bakufakazile ukuthi uKaMathenjwa ungumuntu ongesilona uvanzi, ozihloniphayo.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...