Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ishaqise abaningi eyokungaziwa komkaKhuzani

Ishaqise abaningi eyokungaziwa komkaKhuzani

by | 17 December 2025

ISHAQISE izihambeli zomshado omhlophe womculi kamaskandi eyokungaziwa komkakhe nasemphakathini wangakubo lapho ezalwa khona, okuyinto edalulwe ngesikhathi bebopha ifindo ngoLwesine eThe Zunguness, eHowick.

Umndeni wakwaMthenjwa utshele umphakathi ukuthi uNkk Nonduduzo Mpungose, uKaMathenjwa, obeshada noKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose, amanye amalungu omphakathi angakubo eManyiseni, eNgwavuma, abengamazi ngamehlo enyama, abeqala ngqa ukumbona ngosuku abeshada ngalo. Uyise kaNonduduzo, uveze ukuthi indodakazi yakhe ingumuntu ozifihlayo, kayilona uvanzi.

“Njengoba eshada nje, abanye endaweni yangakithi kabamazi sidalo,” esho.

ILANGA lithole ukuthi uNonduduzo ukhulele esikoleni samantombazane KwaDlangezwa, eMpangeni. Kuthiwa kubo ubefika kodwa engabonakali. Kuthiwa imfundo ephakeme uyenze e-University of Zululand, enza iziqu ze-Environmental Studies.

Uyise uthe indodakazi yakhe ingumuntu okhonze imfundo, wathi emndenini wakwaMathenjwa kuyafundwa. Uthe njengamanje ineziqu zeHonours, isibhalisele isigaba esilandelayo iMaster’s kuwona lo mkhakha. Kuthiwa uNkk Mpungose usebenza eMnyangweni weziSebenzi zoMphakathi neNgqalasizinda (Public Works) esifundazweni. Ngakolunye uhlangothi, uKhuzani uthe ukuzifihla komkakhe, kuyimfundiso yakwaMathenjwa.

“Ezinkundleni zokuxhumana iFacebook, iTwitter, i-Instagram neTikTok – akekho kuzona uKaMathenjwa. Kakusimina owamyekisa, kwaba yimfundiso yakubo. Okusho ukuthi abazali bakhe babemqeqeshela sona lesi sikhathi. Ngamanye amazwi ngiqonde ukuthi umuntu engimtholile, nguyena impela engangimfuna,” kusho uKhuzani.

Abangani bakaNonduduzo nabo bakufakazile ukuthi uKaMathenjwa ungumuntu ongesilona uvanzi, ozihloniphayo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...