Ilanga News
Home 9 Featured 9 ‘Akusho lutho ukuthuthwa koMhlanga, ngoba zonke izigodlo ngezeMbube’

‘Akusho lutho ukuthuthwa koMhlanga, ngoba zonke izigodlo ngezeMbube’

by | 28 August 2025

ISAKHIWO esesiqubule ukukhuluma, esisesigodlweni eNyokeni KwaNongoma, kuthiwa sasingakhelwe izintombi zoMkhosi woMhlanga.

Lokhu kushiwo ngumkhulumeni weSilo samaZulu neNdlunkulu, uMntwana uThulani Zulu. Usho kanjena nje, kunokukhuluma ngalesi sakhiwo esikhulukazi, esidle imali engaphezulu kuka-R100 million yabakhokhi bentela.

Umsindo uqubuke emuva kwesimemezelo seSilo uMisuzulu kaZwelithini, sokuthi uMkhosi woMhlanga usuyathutha eNyokeni kusukela kulo nyaka, usuzokwenzelwa esigodlweni saso esisha, eMashobeni. UMntwana uThulani uthe uma sekukhona enye inkosi ebusayo, ibusa ngendlela yayo, kakukwazi ukuthi kungathiwa mayibuse ngendlela ebekubusa ngayo enye inkosi.

Uthi ukuthuthwa koMkhosi woMhlanga akusho lutho ngoba zonke izigodlo ngezenkosi. Uthi iSilo sesakhe isigodlo saso eMashobeni, sasethula. Uthe akukwazi-ke ukuthi ungathi umuzi usunawo, bese uthi usubuyela emuva. Uthi bekuvele kulindelekile ukuthi uma uMkhosi woMhlanga uthutha, kube nokungenami.

UMntwana uThulani uthi ingqalasizinda eyakhiwa wuhulumeni izosebenza ukwenza imicimbi yomphakathi njengemishado, ama-festival, neminye imicimbi. Uthi uma kungathiwa uhulumeni wayesakhele uMkhosi woMhlanga, lokhu kungasho ukuthi uhulumeni wawungahlelanga kahle ngoba lo mkhosi wenzeka kanye ngonyaka.

“Kwakungesona esoMkhosi woMhlanga lesiya sakhiwo. Uma kuwukuthi basakha benoMkhosi woMhlanga engqondweni, kusho ukuthi kukhona okungahambi kahle,” kusho uMntwana uThulani.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...