
AKASALALI kubo owesilisa waseSdumbini, eNdwedwe, ophila nokukhubazeka, okuthiwa uthunjwe nomndeni wakhe, wakhishiswa imali engaphezulu kuka-R400 000 emuva kokuphunyelwa yinkece yakwaRoad Accident Fund (RAF).
Simuncu isimo emndenini wakwaMhlongo kulandela isigameko esenzeke kuzosa kube wuLwesihlanu, lapho ‘kuthunjwe’ khona wonke amalungu omndeni, kubalwa nelisanda kuphunyelwa yimali yakwaRAF. Kuthiwa lo mndeni uze wadede-lwa ngoLwesihlanu ebusuku.
ILANGA lithole ngemithombo yalo esendaweni ukuthi lona wesilisa, owalimala engozini yemoto ngo-2014, yamshiya ekhubazekile njengoba esehamba ngesihlalo esinamasondo, izigebengu zimdedele ebusuku, ndawana thile eVerulam, emuva kokuzulazula naye, zihamba zimkhiphisa imali.
Kuthiwa ubonwe ngabantu, kwabizwa amaphoyisa, watholelwa usizo. Kubikwa ukuthi kule mali, ingxenye enkulu ikhishwe ngokuthunyelwa kwenye i-account, kwathi enye yakhishwa ezindaweni ezahlukene, kusetshenziswa i-app yasebhange.
Imithombo yaleli phephandaba ithi kuvukwe ngoLwesihlanu kukhala ibhungane kulo muzi, kungabonwa muntu. Kuthiwa izelelesi zishiye ngisho isihlalo sakhe ahamba ngaso lona wesilisa, zathatha yena nomndeni wakhe wonke. Ukungabonakali kwamalungu alo mndeni kuholele ekutheni umphakathi uphume inqina, kubhekwa yonke indawo, kwaze kwabizwa namaphoyisa.
Imithombo ithi kuthe uma beshayelwa izingcingo, baqale ba-phendula ngokuthi basenyangeni KwaMaphumulo, okusolwa ukuthi bebephoqwa ukusho kanjalo. Kuthiwa kuhambe usuku bagcina bengasatholakali nasezingcingweni.
ILANGA likhulume nelinye ilungu lomndeni ebelithunjiwe, elithe kugasele abesilisa abangabazi ebusuku bangoLwesine sekulelwe, bakhahlela isicabha, bezibiza ngamaphoyisa. Uthi baqale ngokufuna isibhamu, maqede baphoqa amalungu omndeni, okuyisalukazi sakwa-Mhlongo, umama wakhona, ngowesilisa ophunyelwe yimali nomunye wesilisa ukuba bahambe nabo.
“Bahambe nathi besimbozile ukuze singaboni lapho ebesihamba khona. Sihambe saze safika komunye umuzi lapho befike basivalela khona ubusuku bonke kwaze kwasa. Babe sebethatha umfana walapha ekhaya, bahamba naye. Endlini ebesikuyona nalaba ebesisele nabo, bebesitshela ukuthi ngeke basenzakalise.
“Basithengele nokuya ngasethunjini, sihleli singazi ukuthi kwenzekani. Baze basithatha sekuhwalele basifaka emotweni, basishiya esigangeni lapho sihambe khona ngezinyawo saze sayofika ekhaya,” kusho ilungu lomndeni.
Ngesikhathi isisulu esikhishiswe imali sikhuluma neLANGA, sithe sisethukile kangangoba kasiziboni singakwazi ukulala kubo emuva kokwehlelwa yilo mshophi. Ngesikhathi bengithatha behamba nami, umndeni wami usale ngemuva. siye ebhange, bangiphoqa ukuba ngithumele imali kubona, enye bangikhiphisa yona.
“Bengikwenza konke abakushoyo ngoba bengesaba ukuthi uma ngike ngamemeza noma ngakhombisa ukuthi ngiyaphoqwa, bazokwenzakalisa umndeni wami. Kuthe uma sebeqedile, bahamba nami, bangishiya esigangeni, ngabe sengicela usizo,” kusho isisulu.
ILANGA lithole ukuthi abathumbi, yize bebesishiyile isihlalo sesisulu, kodwa kukhona abebesisebenzisa, okuthiwa bebesiphusha ngaso ngesikhathi kugilwa lo mhlola.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi amaphoyisa aseNsuze avule icala lokuthumba, kanti uphenyo lusaqhubeka.







