Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

by | 12 January 2026

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi uselivulele amacala ayinqwaba kepha kaliboshwa. 

Le ntokazi iveze enkundleni yezokuxhumana izithombe ezinyantisa igazi ithi ibishaywa yisoka layo. Ilimele kanzima ebusweni nasemzimbeni. Yafaka nemiqhafazo eveza ukuthi ike yavula amacala phambilini. 

Esitatimendeni amaphoyisa athi aqaphele umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngowesifazane osola amaphoyisa ngokuzithela ngabandayo ngemuva kokubika icala lokushaya ngenhloso yokulimaza esiteshini samaphoyisa eMlazi ngoLwesihlanu, mhla ka 9 January 2026.

“Cishe emahoreni  awu-48 kubikwe icala, ngoMsombuluko,  mhla ka 12 January nonyaka, amaphoyisa abophe umsolwa oneminyaka ewu-24 ngecala lokushaya intombi yakhe eneminyaka ewu-31 ubudala nokulimaza imoto yayo ngesikhathi sesigameko esihlobene nodlame lwasekhaya esigcemeni sakwa-V eMlazi ngoLwesihlanu.”

Kuthiwa umsolwa wabizela endlini isisulu, ethi kasilande izimpahla zaso. Ngesikhathi isisulu sifika kuthiwa umsolwa usishaye ngepayipi wasiluma nangamazinyo, waphindelela esishaya. 

Kubikwa ukuthi isisulu sibalekele emotweni kodwa umsolwa wasilandela walimaza iwindi elingemuva lemoto.

“Uphenyo lwamaphoyisa luphinde lwaveza ukuthi njengamanje lo wesifazane usesibhedlela ngenxa yokusha okusolwa ukuthi ushe ngesikhathi eshisa imoto yesoka, eshe yaba wumlotha. Uma esephumile esibhedlela, uzobhekana necala lokushaya nokulimaza impahla,” kuchaza  isitatimende.

Umbiko uqhubeka uthi  laba bobabili banomlando wokuvulelana amacala. Kanti amacala afinyelele enkantoolo kwabhungwa ngawo, kepha abengesiwo awodlame lwasekhaya.

Amaphoyisa akhuthaza abantu abasebudlelwaneni banoma yiluphi uhlobo ukuthi baxazulule ukungaboni ngaso linye kwabo ngokuthula noma bacele usizo kulabo ababathembayo ukuze kungagcini sekunodlame. 

Ezisematheni

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UZONDWE amalungu omndeni wakhe umculi kamaskandi uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose ngoba ethi uyaphi ngaphansi kwenkampani yeZingane Zoma ngoba umsunguli wayo uMnu Shobeni Khuzwayo wabulala uMgqumeni "iBhova LikaDikadika" Khumalo (ongasekho). UKhuzani uveze lokhu...

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

BADEDELWE ngebheyili ka-R20 000 umuntu ngamunye uNkk Tsakane Matlala nababili abeboshwe nabo ngecala lokuqasha indawo eseWaterkloof  ebiza u-R95 000 ngenyanga okuthiwa basebenzise isivumelwano somgunyathi abathi isona esiqinisekisa ukuyiqasha kwabo. UTsakane...

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

IPHINI likaKhomishana wamaPhoyisa, elisamisiwe emsebenzini, uJenene Shadrack Sibiya (osesithombeni), lizobuyela enkantolo ngoLwesibili oluzayo lomhla ka-29 kuMandulo (September), liyofaka isicelo sebheyili. USibiya uboshwe ngoMsombuluko, wavela kafushane eNkantolo...