Ilanga News
Home 9 Featured 9 Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

by | 7 October 2026

INHLANGANO yamaBandla ezenkolo, iKwaZulu-Natal Christian Council (KCC), ithi izotshala izingqapheli ezingu 440, ukuqapha ukhetho esifundazweni.


Esikhathini esingaphansi kwenyanga, kuzoba kuvotwa kulelizwe ngoba ukhetho loHulumeni baseKhaya, lungomhlaka 4 kuLwezi (November).
Izingqapheli ezizotshalwa, seziqeqeshiwe, kanti zizotshalwa kuzona zonke izifunda ezingu 11, ezikhona esifundazweni.
IKCC, ithi umlando wodlame lwepolitiki, nokungabekezelelani, yikhona okuyenze yasukuma.

Ithi izigameko zokuhlaselana, nokwesabisana, okuncikene nepolitiki, okubikiwe esifundazweni phakathi kukaMasingana (January) noMandulo (September), kulo nyaka ziwu-16.


Okunye okusukumise iKCC, ukubulawa kwamakhansela. Kuthiwa kusukela ngo-2021, awu-18, amakhansela asebulelwe esifundazweni. IKCC, ithi ayizukugcina ngelanga lokhetho kuphela, kodwa izoqhubeka iqaphe isimo, ngoba kuyenzeka imimoya iphakame nangemuva kokhetho, uma sekukhishwe imiphumela.


Ibe isinxusa izinhlangano zepolitiki, abangenele ukhetho, amakhosi, izinduna, izinhlangano zomphakathi ezingenzi nzuzo, ukuthi basebenzisane nayo.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

Ezisematheni

I-MKP isifake isimangalo ifuna kucwaningwe amavoti ayo eThekwini

I-MKP isifake isimangalo ifuna kucwaningwe amavoti ayo eThekwini

IQEMBU uMkhonto weSizwe Party selifake isimangalo kwikhomishana yokhetho i-IEC kwaZulu-Natal njengoba lisola ukuthi kukhona okungahanjisiwe kahle ekubalweni kwamavoti ayo. Lokhu kuza emva kokuthi kube nemibiko yokungadonsi kahle kwemishini kwezinye izindawo okuthiwa...

Ogqame kokamaskandi ungena kowesicathamiya

Ogqame kokamaskandi ungena kowesicathamiya

BAJABULELE 'ukuqaqeka' kwezinkinga emculweni wabo abaculi besicathamiya, ngesikhathi kungenelela kuwona odume kakhulu kwezokuhlelwa kwemicimbi kamaskandi eThekwini. Lokhu kuvezwe ngabaculi bakacothoza, bejabulela ukungenelela kukaMnu Xolani Mcineka owaziwa...