Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ushaqwe ngamaphoyisa ‘obulale ingane edudene nesoka’

Ushaqwe ngamaphoyisa ‘obulale ingane edudene nesoka’

by | 27 August 2025

KUKHALWA ngesihluku sowesifazane osolwa ngokushaya, abulale ingane yakhe eneminyaka emibili, ehlangene nesoka elingayizali, ngoba ecasulwa wukuthi iyakhala, esigamekweni esenzeke Ovondlo Reserve, eNseleni, ngoLwesihlanu.

ILANGA lithole ukuthi ngemuva kwalesi sigameko, unina wengane (20), nesoka lakhe (21), bashaqwe ngamaphoyisa kulandela ukubulala uSimthandile Buthelezi (2). Ngokuthola kwaleli phephandaba, ingane ishaywe kanzima ngunina nesoka lakhe, yashonela emtholampilo wendawo.

ILANGA lithole ukuthi ingane ibulawa nje, unina ubesanda kuyilanda kuyise wayo obehlala nayo. Kuthiwa unina wengane ubekipite kubo kwesoka lakhe eliyisihlobo noyise oyizalayo.

Umthombo uhlebele ILANGA ukuthi kunezinsolo zokuthi inga-ne iqale yanukubezwa ngaphambi kokuba ibulawe. Kubikwa ukuthi ishaywa nje, unina uyifice ikhala, engazi ukuthi ikhalelani, ubeyishiye nesoka lakhe nomngani walo.

“Ngenxa yokungabi bikho kukagesi kule ndawo, ngosuku lwesigameko, unina wengane ubeye komunye umuzi, eyo-ayina izingubo. Kuthe uma ebuya, ingane yagijima, yaya kuyena ikhala.


“Ngiyacabanga ukuthi kumcasulile lokho ngoba akakhulumanga lutho nengane, uvele wadonsa induku, wayishaya. Nalo isoka lakhe limlekelelile, beshaya ingane. Bayishaye yalimala kanzima emzimbeni.

“Ekhanda ibinenxeba elivulekile, okungacaci ukuthi bayishaye ngani. Iphuthunyiswe emtholampilo eNseleni lapho efike yashonela khona,” kusho umthombo.

Uqhube wathi kunezinsolo zokuthi ingane ibinukubeziwe njengoba unina eyifice ikhala. Uthi bese kunesikhathi ihlukumezekile njengoba bebengaqali ukuyishaya laba.

“Indlu okushayelwe kuyona ingane ibigcwele igazi. Sisamangele ukuthi hlobo luni lwenduku abebeyishaya ngalo ize ilimale ngale ndlela,” kusho umthombo.

UNkk Nonhlanhla Ntshangase ongunina wesoka likamsolwa, uthi namanje usaqhaqhazela uma ecabanga into ayifice ingane iyiyona. Uthi ngesikhathi kwenzeka isiga-meko ubengekho, ubesemcimbini wasemsebenzini.

“Ngifice indodana yami igqokisa ingane ibhulukwe. Engikuqaphelile wukuthi ibiphefumula kanzima, engalweni ivuvukele. Ngithuke kakhulu, ngatshela indodana yami ukuba iyihambise emtholampilo.

“Ngaleso sikhathi unina wayo ubengasabonwa, esebalekile. Siyiphuthumise emtholampilo seyivele ishonile,” esho.

Eqhuba uthi bese kunesikhathi eyikhuza indodana yakhe ngonina wengane ngoba uyise oyizalayo bayizihlobo naye, futhi uke wahlala nabo.

“Ngathi uma ngiyixosha lapha ekhaya le ntombazane, ngicasulwa wukuthi ijola nendodana yami ekubeni uyise wengane eyisihlobo sethu, kwayiyona indodana engishayayo.

“Ngayivulela icala, yaboshwa, kodwa yabuye yaphuma ejele, yaxolisa. Ngibuhlungu ngento eyehlele ingane,” esho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Colonel uRobert Netshiunda, uthunyelelwe imibuzo ngalolu daba. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakaphenduli.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...