Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Amadoda alwa umhlaba wonke ngenxa yabafazi

Amadoda alwa umhlaba wonke ngenxa yabafazi

by | 24 June 2026

NGUMENGAMELI waseMelika, uMnu Donald Trump.

IZINSIZWA zingahlala nje phansi kwesihlahla zizixoxela kumnamdi, bese kuqhamuka umuntu wesifazane, kuvele konakale yonke into. Lokhu kushiwo yile nsizwa ebenginitshela ngayo ngeledlule. Angithi nginethembise ukuthi leyo ngosi iyaqhubeka, ngakho-ke sekuya ngamagama enkehli.

Le nsizwa ithi izimpi zazingeke zibe khona emhlabeni ukube abesifazane babengekho. Izingxabano phakathi kwamadoda zibangwa ngabafazi. Ningahlala njengamadoda nixoxe, izinkomo zize ziyobuya inhlazane, kungaxatshwana. Ake kudlule intokazi enhle, kuvele kuqale umqhudelwano isigubhukane. Kuqala kusukume ophaphile, futhi ozethembayo, ayincokolise. Kulawo mancoko akhe, uzokhomba izici kini nonke ukuze kuthi uma ngabe le ntombi kukhona omunye wenu ebizombuka, ingabe isambheka nakumbheka. Uzoqala ngokuchoma ngokuthi yena unemali, kanti nina nonke niyazihluphekela. Uma kukhona ongabukeki kahle, ahlale phezu kwakhe.

“Kodwa nje nkosazane ungathi umfunani nje uMzikayifani emubi kanje, wena umuhle kangaka?” esho ezihlekisa sengathi wenza ihlaya. Uma kukhona obukekayo, naye amthele ngenyongo. “Ungamboni ebukeka nje uKhandaleveni, akasebenzi, futhi usahlala nonina.”

NoMengameli waseMelika, uDonald Trump uhlasele i-Iran ngoba ezama ukubonisa owakwakhe ukuthi akasona isiyoyoyo sendoda. Phela inkabi ingamkhomba ngoqhwasha azichamele lo mlisa. Uyambona ukuthi akakaze aqhathwe esakhula, ubevikelwa yimali kayise.

Nalo mlisa waseBhayibhelini owayezihlalele kamnandi engadini yase-Ideni, u-Adam, kwathi uma kufika umfazi, wayixova yonke le nto, base beyaxoshwa. Ukube akakhiwanga u-Eva, ngabe usazihlalela kuleyo ngadi ezidlela konke akuthandayo, ngaphandle kwehhabhula leli okwathiwa angalilokothi.

UNkulunkulu wayeyodamane embuka achazeke, athi, “hhawu bakithi, niyambona umuntu wami madoda”, etshela izingelosi noSathane. Lapho u-Adam uyazibhushuzelela nje okukajahidada. Uma babengekho abesifazane, amadoda ayengeke azihluphe ngokwenza imali eningi, futhi akhe nezithabathaba zemizi. Phela ngeke uzihluphe nje ngokuchaza enye indoda, ngaphandle-ke uma ufisa ukuthi “mfazi” kuyo.

Imali yendoda idliwa ngumfazi noma abafazi. Kodwa-ke uma babengekho abesifazane, ngabe kasikho nathi madoda. Kwakuyogcina ngaye lo Adamu, kube nomuntu oyedwa vo umhlaba wonke.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...