Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Amadoda alwa umhlaba wonke ngenxa yabafazi

Amadoda alwa umhlaba wonke ngenxa yabafazi

by | 24 June 2026

NGUMENGAMELI waseMelika, uMnu Donald Trump.

IZINSIZWA zingahlala nje phansi kwesihlahla zizixoxela kumnamdi, bese kuqhamuka umuntu wesifazane, kuvele konakale yonke into. Lokhu kushiwo yile nsizwa ebenginitshela ngayo ngeledlule. Angithi nginethembise ukuthi leyo ngosi iyaqhubeka, ngakho-ke sekuya ngamagama enkehli.

Le nsizwa ithi izimpi zazingeke zibe khona emhlabeni ukube abesifazane babengekho. Izingxabano phakathi kwamadoda zibangwa ngabafazi. Ningahlala njengamadoda nixoxe, izinkomo zize ziyobuya inhlazane, kungaxatshwana. Ake kudlule intokazi enhle, kuvele kuqale umqhudelwano isigubhukane. Kuqala kusukume ophaphile, futhi ozethembayo, ayincokolise. Kulawo mancoko akhe, uzokhomba izici kini nonke ukuze kuthi uma ngabe le ntombi kukhona omunye wenu ebizombuka, ingabe isambheka nakumbheka. Uzoqala ngokuchoma ngokuthi yena unemali, kanti nina nonke niyazihluphekela. Uma kukhona ongabukeki kahle, ahlale phezu kwakhe.

“Kodwa nje nkosazane ungathi umfunani nje uMzikayifani emubi kanje, wena umuhle kangaka?” esho ezihlekisa sengathi wenza ihlaya. Uma kukhona obukekayo, naye amthele ngenyongo. “Ungamboni ebukeka nje uKhandaleveni, akasebenzi, futhi usahlala nonina.”

NoMengameli waseMelika, uDonald Trump uhlasele i-Iran ngoba ezama ukubonisa owakwakhe ukuthi akasona isiyoyoyo sendoda. Phela inkabi ingamkhomba ngoqhwasha azichamele lo mlisa. Uyambona ukuthi akakaze aqhathwe esakhula, ubevikelwa yimali kayise.

Nalo mlisa waseBhayibhelini owayezihlalele kamnandi engadini yase-Ideni, u-Adam, kwathi uma kufika umfazi, wayixova yonke le nto, base beyaxoshwa. Ukube akakhiwanga u-Eva, ngabe usazihlalela kuleyo ngadi ezidlela konke akuthandayo, ngaphandle kwehhabhula leli okwathiwa angalilokothi.

UNkulunkulu wayeyodamane embuka achazeke, athi, “hhawu bakithi, niyambona umuntu wami madoda”, etshela izingelosi noSathane. Lapho u-Adam uyazibhushuzelela nje okukajahidada. Uma babengekho abesifazane, amadoda ayengeke azihluphe ngokwenza imali eningi, futhi akhe nezithabathaba zemizi. Phela ngeke uzihluphe nje ngokuchaza enye indoda, ngaphandle-ke uma ufisa ukuthi “mfazi” kuyo.

Imali yendoda idliwa ngumfazi noma abafazi. Kodwa-ke uma babengekho abesifazane, ngabe kasikho nathi madoda. Kwakuyogcina ngaye lo Adamu, kube nomuntu oyedwa vo umhlaba wonke.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...