Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uhulumeni uthi intsha mayikhuthazwe ukuziqalela amabhizinisi

Uhulumeni uthi intsha mayikhuthazwe ukuziqalela amabhizinisi

by | 16 June 2025

NGUMNU Paul Mashatile oyisekela-mengameli.



“KUMELE sigqugquzele abantu abasha ukuba baziqalele amabhizinisi abo, esikhundleni sokulindela ukuqashwa”.


Usho kanje uMnu Paul Mashatile oyiSekela Mengameli ngesikhathi ekhuluma emcimbini kazwelonke wokugubha uSuku lweNtsha, obusePotchefstroom, esifundazweni iNorth, lapho bekukhunjulwa khona izibhelu zango-1976 eSoweto.


Nonyaka kuhlangana iminyaka ewu-49 zenzeka lezi zibhelu lapho abafundi bavuka umbhejazane babhikisha, bephikisana nokufundiswa ngolimi lwesiBhunu ezikoleni. Inkulumo kaMashatile ibigxile enkingeni yokubha ehaqe abantu abasha, kanye nenkinga yezinga eliphezulu lokweswela komsebenzi.


UMashatile uthi ukuziqalela amabhizinisi kwabantu abasha kungalekelela ekubhekaneni nenkinga yezinga eliphezulu labantu abaswele umsebenzi. Uthi esikhathini samanje, ukungena emkhakheni wamabhizinisi kungenye yezindlela zokwakha ikusasa eliqhakazile.  

Uqhube wathi kumele intsha ikhuthazwe ukuba izethembe, ikholelwe emandleni enawo okuziqalela nokuthuthukisa amabhizinisi ayo. Ubalule ngokubaluleka kokuba intsha icijwe ngamakhono afanele ukuze ikwazi ukuqala amabhizinisi noma ithole umsebenzi.


“Siyakholwa ukuthi ukuhlinzeka abantu abasha ngamakhono abawadingayo ukuze babe ngosomabhizinisi noma baqasheke, kusemqoka kakhulu empumelelweni yomphakathi,” kusho uMashatile.  


Ngokusho kukaMashatile, inkinga yezinga eliphezulu labantu abasha abangasebenzi iyisimo esiphuthumayo, wathi ithinta umphakathi wonke, futhi kudingeka zonke izinhlaka, okubalwa kuzo uhulumeni, abamabhizinisi, nomphakathi wonkana, zathathe izinyathelo eziphuthumayo.  


Uphawule nangokuthi enye into ekhathazayo, yisibalo esenyukayo sentsha engafundi, engasebenzi, futhi engekho nasezikhungweni zoqeqesho. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...