Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uhulumeni uthi intsha mayikhuthazwe ukuziqalela amabhizinisi

Uhulumeni uthi intsha mayikhuthazwe ukuziqalela amabhizinisi

by | 16 June 2025

NGUMNU Paul Mashatile oyisekela-mengameli.



“KUMELE sigqugquzele abantu abasha ukuba baziqalele amabhizinisi abo, esikhundleni sokulindela ukuqashwa”.


Usho kanje uMnu Paul Mashatile oyiSekela Mengameli ngesikhathi ekhuluma emcimbini kazwelonke wokugubha uSuku lweNtsha, obusePotchefstroom, esifundazweni iNorth, lapho bekukhunjulwa khona izibhelu zango-1976 eSoweto.


Nonyaka kuhlangana iminyaka ewu-49 zenzeka lezi zibhelu lapho abafundi bavuka umbhejazane babhikisha, bephikisana nokufundiswa ngolimi lwesiBhunu ezikoleni. Inkulumo kaMashatile ibigxile enkingeni yokubha ehaqe abantu abasha, kanye nenkinga yezinga eliphezulu lokweswela komsebenzi.


UMashatile uthi ukuziqalela amabhizinisi kwabantu abasha kungalekelela ekubhekaneni nenkinga yezinga eliphezulu labantu abaswele umsebenzi. Uthi esikhathini samanje, ukungena emkhakheni wamabhizinisi kungenye yezindlela zokwakha ikusasa eliqhakazile.  

Uqhube wathi kumele intsha ikhuthazwe ukuba izethembe, ikholelwe emandleni enawo okuziqalela nokuthuthukisa amabhizinisi ayo. Ubalule ngokubaluleka kokuba intsha icijwe ngamakhono afanele ukuze ikwazi ukuqala amabhizinisi noma ithole umsebenzi.


“Siyakholwa ukuthi ukuhlinzeka abantu abasha ngamakhono abawadingayo ukuze babe ngosomabhizinisi noma baqasheke, kusemqoka kakhulu empumelelweni yomphakathi,” kusho uMashatile.  


Ngokusho kukaMashatile, inkinga yezinga eliphezulu labantu abasha abangasebenzi iyisimo esiphuthumayo, wathi ithinta umphakathi wonke, futhi kudingeka zonke izinhlaka, okubalwa kuzo uhulumeni, abamabhizinisi, nomphakathi wonkana, zathathe izinyathelo eziphuthumayo.  


Uphawule nangokuthi enye into ekhathazayo, yisibalo esenyukayo sentsha engafundi, engasebenzi, futhi engekho nasezikhungweni zoqeqesho. 

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...